ICosafa ihamba Motsepe kwesokwengamela iCAF

UPatrice Motsepe ogaqele isikhundla sokwengamela iCAF

UMBHALI WEMPEMPEI

ICouncilof Southern Africa Football Associations (COSAFA) iyiphakamise ngo-“elethu” inkinsela yaseNingizimu Afrika enguPatrice Motsepe ukuba angenele ukhetho lweConfedetaions of African Football (CAF).

Emhlanganweni obungoJanuwari 27 ku-2021 isigungu esiphezulu seCOSAFA sivumelane ngaphandle ngisho nokuncane ukuphikisana ukuthi umengameli weMamelodi Sundowns uyena ozosekwa kulo lukhetho.

UMotpese olokhu ekhule njalo ngenxa yososeshini abangahlonizi ukuthi bahamba naye ubheke ukudla lolu khetho olungoMashi nonyaka.

Le nhlangayo eyenza izincomo ngo-2017 igcizelela ukuthi nangelilodwa ilanga ngeke ivotele omunye umuntu ekhona okhethweni osuka ngaphansi kwayo, ihambe kulawo mazwi iphakamisa uMotsepe.

ICOSAFA iyona eyamqoka kuqala u-Ahmad Ahmad waseMadagascar nangempela waludla ubhedu ngo-2017.

Ngemuva kwalo mhlangano i-COSAFA ikhiphe isitatimende iqinisekisa ngokuphakamisa kwayo uMotsepe kulo khtho olungoMashi, eRabat, eMorocco.

“Sinesiqiniseko sokuthi njengoba sikuveza ukuthi sihamba nomuntu wehtu okunguMotsepe kulokhu yingoba sineme ngezethembiso zakhe.

“Ngaphandle kwalokho uyilunga lomndeni. Leli hhashi esilibhejelayo yilona elizowina. Siphakamise umuntu ozofika nezinto eziningi ezintsha ebholeni lase-Afrika,” kusho uPhillip Chiyangwa ongumengameli weCOSAFA kulesi sitatimende.

 

 

2 thoughts on “ICosafa ihamba Motsepe kwesokwengamela iCAF”

Leave a Reply

Your email address will not be published.