IChiefs ikhiphe ukudinwa kokushaywa yiRoyal AM ngokubhonya iTeam of Choice

U-Ashley du Preez weChiefs ekhahlelela ipali
Sihle Ndlovu

IKaizer Chiefs ikhiphe ukudinwa kokushaywa yiRoyal AM ngokudedela isibhaxu komkhaya bayo iMaritzburg United ebashaye ngo 3-0 koweDStv Premiership, eFNB Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

Amakhosi aye kulo mdlalo ephuma ekushayweni yiThwihli Thwahla ngo 1-0 eChatsworth Stadium, kanti abekudinga ukuwina ukuze abuyise ukuzethemba nenjabulo kubalandeli bawo. Emdlalweni wangempelasonto iChiefs ibhekene neRoyal AM idedele igoli ngomzuzu wesibili yangaphinde yakwazi ukubuyela emdlalweni.

NgoLwesibili kucacile ukuthi ibingafuni ukwenza iphutha njengoba kuyiyona eshaye igoli umdlalo usanda kuqala. Lize no-Ashley du Preez ngomzuzu wesine ngemuva kokuphaselana kahle kwabadlali beChiefs lisuka emuva.

IChiefs ibishesha kakhulu emizuzwini yokuqala futhi akumangazanga ngesikhathi ukaputeni wayo uKeagan Dolly eshaya igoli lesibili ngomzuzu ka-23. Leli goli liqhamuke ngokucindezela kweChiefs iphushela iTeam of Choice emuva, yenza iphutha walibeka phakathi uDolly.

IMaritzburg iqale isiwombe sokuqala ngokushintsha abadlali abane bonke kodwa yagcina ihluleka ukuthola igoli yize ibibuye ihlasele kuvalwe amehlo. Kunalokho kugcine kuyiChiefs eshaya igoli ngomzuzu wokugcina ngci, kanti lize noMduduzi Shabalala ongene esuka ebhentshini.

Iqembu laseMphithi lisenephuzu elilodwa ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 neSekhukhune United ngempelasonto. IChiefs yona kuzoyikhuthaza ukuthola amaphuzu amathathu okuqala kulo mdlalo njengoba izobhekana nompetha beligi iMamelodi Sundowns ngempelasonto. Ibukeke idlala kangcono kakhulu ngoLwesibili yize ibingashaya amagoli amaningi kunamabili.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.