IChiefs nePirates basazobukela iSundowns izitika ngeseligi
IKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates babukeka bezophinde bahluleke ukuvimba iMamelodi Sundowns ukuthi ithathe isicoco seligi sesizini ka-2022/2023.
Amakhosi namaBhakaniya babhala becisha kakhulu emidlalweni yeligi kule sizini. Ngempelasonto iChiefs ilahle ithuba lokukhuphukela endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership ngesikhathi ishaywa yiSekhukhune United ngo 1-0. Amakhosi aye kulo mdlalo esenzelwe umusa yiLamontville Golden Arrows eshaye iSuperSport United ngo 2-1, nobekuchaza ukuthi iChiefs ibinethuba lokudlula leli qembu lasePitoli.
IChiefs ibukeka ihluleka ukugcina umgqigqo wayo kule sizini yize iyiwina eminye imidlalo emikhulu. Ngaphambi kwekhefu leNdebe yoMhlaba ka-2022 ebiseQatar ivale kahle ishaya iPirates ngo 1-0. Iphinde yabuya kahle ishaya i-Arrows ngo 2-0 kodwa yaqhuzuka ngempelasonto kwiSekhukhune.
Ngasohlangothini lweBucs kuthanda ukuba mnyama kakhulu njengoba seyishaywe imidlalo emithathu ilandelana. Ishaywe yiChiefs ngo 1-0, yanikwa isibhaxu sika 2-0 yiSundowns njengoba ngempelasonto ishaywe yiCape Town City ngo 2-1 yize ike yahamba phambili.
IChiefs isendaweni yesine kwilogi ngamaphuzu angu-24 emidlalweni engu-15, kanti iPirates isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-19 ngemuva kwemidlalo efanayo.
ISundowns izihambela yodwa njengoba inamaphuzu angu-27 emidlalweni engu-15. Ngempelasonto ishaye iSwallows FC ngo 2-0 kanti ngoLwesibili izobhekana neChippa United eLoftus Stadium, ngo-7.30 ebusuku. IChiefs izodlala umdlalo wayo olandelayo naMaZulu FC eMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku. IPirates izobhekana ne-Arrows e-Orlando Stadium, ngeSonto ngo-3.30 ntmbama.
Sdina Ngubo