EzakamuvaIbhola

UGuardiola uthi u-Erling Halaand usengaqhathaniswa noMessi

Umqeqeshi weManchester City, uPep Guardiola uthi umgadli wakhe ongalibheki ipali kulezi zinsuku, u-Erling Halaand usekulungele ukuqhathaniswa nengwazi yase-Argentina uLionel Messi ogijima kwiPSG yaseFrance.

U-Erling Halaand usanda kuhlanganisa amagoli angu-50 kuyo yonke imincintiswano ngephenathi ayishaye bedlala neFullham ngeSonto 

Lelo goli liphinde lalinganisa irekhodi lamagoli angu-34 ngesizini ebaqoshwa ngu-Andrew Cole no-Alan Shearer.

Kuyacaca ke ukuthi u-Erling Halaand uzolephula leli rekhodi kuyo le sizini njengoba kusasele imidlalo emihlanu nje. 

“Akekho ongaqhathaniswa noMessi. Ngeke kumsebenzele u-Erling, kodwa uma ubheka amagoli (ka-Erling Halaand) nobuhlakani… 

“Impela ngingasho ngithi usekulungele ukuqhathaniswa noMessi,” kubeka uGuardiola,

Lo mqeqeshi okubhekwe aphinde adle isicoco se-English Premier League uke wasebenza noMessi ngesikhathi esaqeqesha iBarcelona.

“UMessi ukwenzile lokhu kumasizini angu-10 kuya kwangu-15 adlule. NoHalaand usezingeni elifanayo ekushayeni amagoli. 

“Igoli ulishaya cishe kuwo wonke umdlalo awudlalayo,” kuqhubeka uGuardiola esithangamini sabezindaba abenaso ngoLwesibili.

Angaziqophela elakhe irekhodi uHalaand uma engaphinde ashaye igoli ngoLwesithathu uma iCity seyibhekene neWest Ham.

Angase futhi azibeke ethubeni lokufika kumagoli angu-60 njengoba kwisizini yakhe yokuqala kwiCity. 

FUNDA NALA: Okusha ngekusasa likaDumisani Zuma kuMaZulu

Leli qembu lisasele nemidlalo eyisishiyagalolunye ngaphambi kokusongwa kwesizni. 

UMessi yena wakwazi ukushaya amagoli angu-50 ngamasizini ayisithupha ukusuka ku-2010 kuya ku-2019. 

Nokho uGuardiola ukholwa ukuthi uHalaand, oneminyaka engu-22 usazoba yisihlabani kakhulu ebholeni.

Imidlalo ye-English Premier League ngoLwesithathu

Man City v West Ham, 9pm; Liverpool v Fulham, 9pm

By Njabulo Shezi