EzakamuvaIbholaiDStv PremiershipiGladAfrica Championship

UTico-Tico Bucuane ukhala ngenswani ethezwa awePSL ngaphandle

By Alfred Ngubane

UManuel “Tico-Tico” Bucuane, owayengumdlali weJomo Cosmos ne-Orlando Pirates usola amaqembu adlala kwiDStv ngokutheza abadlali bangaphandle abangathi shu. 

Uthi izinga labadlali bangaphandle abafika kuleli kulezi zinsuku selehle ngendlela eshayisa ngamahloni. 

“Sekulandwa abadlali abangakulungele ukuncintisana nabadlali bakuleli njengakuqala,” kusho le nkakha.

“Kumanje abekho abadlali bokuhamba abadlala ibhola elicokeme kuleli njengoba kade kwenzeka phambilini.

“Mina ngifika ngizodlala kwiCosmos uBra J wangitshela ngoChristopher Mwakapuki waseZambia owayengalibheki ipali.

“Ngalandelwa nguBenjamin Mwaruwaru waseZimbabwe nowagcina ekwiManchester City,” kuchaza uTico-Tico Bucuaneongowokudabuka eMozambique. 

“Emva kwalokho kwafika o-Essau Kanyenda waseMalawi, Russell Mwafulirwa, Mamadou waseSenegal… 

“Bonke laba bagadli balikhuphula kakhulu izinga lebhola kwiPSL. Kwabakhona abagadli abasatshwayo abafana noWilfred Mgeyi waseZimbabwe, Raphael Chukwu waseNigeria. Wedson Nyirenda noDennis Lota  baseZambia.

“Kodwa namuhla le ligi ayisahehi abadlali abanonhlonzo abaqhamuka ngaphandle.

FUNDA NALA: Kugqame uRelebohile Ratomo iPirates iidedela iRoyal AM isiyibambile

“Ngicabanga ukuthi kugcine ngoKhama Billiat waseZimbabwe ukuba khona komdlali osezingeni eliphezulu. 

“Yena ubelandela umkhaya wami uDomingos Pelembe noDennis Onyango noKennedy Mweene,” kuchaza uTico-Tico Bucuane.

Ukhuluma kanjena nje yena wawenza umsebenzi ayequqashelwe eNingizimu Afrika njengoba kumanje ungomunye wabadlali abashaya amagoli angaphezu kuka-100 kwiPSL.

Yena washaya angu-104 kwiCosmos, Pirates neSuperSport United okuyiwona maqembu adlala kuwo kuleli ngaphambi kokuwagaxa ethala amakhokho.