Asengene endlini amanzi kwiMaritzburg United, kodwa ‘isazolwa’
By Sihle Ngubo
Akusekho ezandleni zeMaritzburg United ukuvika izembe elizoyiqondisa ngqo kwiMotsepe Foundation Championship.
Lokhu kuhlaluke ngemuva kokuthi iTeam of Choice idedele iMarumo Gallants isiyibambile emdlalweni weDStv Premiership ophele ngo 2-2 eHarry Gwala Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
EzikaFadlu Davids zike zahamba phambili kabili kulo mdlalo kodwa zenza amaphutha emuva aphunyuka kanjalo amaphuzu amabili.
Isimo manje sikhomba ukuthi uma iMarumo Gallants (29) iwina umdlalo olandelayo, bese neChippa United (29) yenza okufanayo, kuzobe sekuphelile neTeam of Choice nokudlala kwiDStv Premiership.
IMaritzburg United inamaphuzu angu-26 nokuchaza ukuthi ingakwazi ukudlanganisa angu-32 emidlalweni emibili esele.
Lokhu kwenza kubukeke sengathi selivele kuhwalele kuleli qembi likaFarook Kadodia.
Emdlalweni olandelayo iMaritzburg izodlala neStellenbosch FC, bese ivale neMamelodi Sundowns.
Akuzukuba lula ukuwina le midlalo uma kubhekwa ifomu yala maqembu yakamuva.
“Sizolwa kuze kube sekugcineni.
“Angiyithandanga indlela esidedele ngayo amagoli amabili kodwa yinto ebesilokhu siyenze lena kule sizini.
“Sisenemidlalo emibili esizoyidlala ngakho sizoqhubeka nokulwa,” kusho uDavids ngemuva komdlalo.
U-Alfred Ndengane, oqokwe njengomdlali wosuku, naye uhambe emazwini kaDavids wathi “sizolwa kuze kube sekugcineni, ngeke sililahle ithemba”.
Amaqembu asesindile ezembeni AmaZulu FC (33), yiLamontville Golden Arrows (34), yiSwallows FC (34) neRoyal AM (34).
FUNDA NALA: Uphinde wahlukunyezwa uMamaJoy e-Orlando Stadium
IChippa United ibuyise ithemba lokusinda ezembeni ngesikhathi ishaya iRichards Bay FC ngo 3-2 ngoLwesithathu.
INatal Rich Boyz ike yahamba phambili ngo 2-1 kulo mdlalo. Leli qembu laseMhlathuze lisengazithola lidlala imidlalo yokuhlunga njengoba linamaphuzu angu-32.