EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Ngabe iPirates iphuce iChiefs iqatha emlonyeni ngoweTS Galaxy?

By Sbongs Gumbi

Ukuvela kwezindaba zokuthi unozinti weTS Galaxy uMelusi Buthelezi sekusele kancane asayine kwi-Orlando Pirates zibakitazile abalandeli baleli qembu laseSoweto. 

Lo nozinti oneminyaka engu-26, odabuka eNquthu, KwaZulu-Natal ungomunye wababonakala benekusasa elihle ebholeni. 

Izindaba zokuthi uya kwiPirates ziputshuzwe abeSABC Sport ngoMsombuluko. Kuthiwa sekuqediwe konke phakathi kwamaqembu, sekulindwe kuphele isizini. 

Ngokusho kukamengameli weTS Galaxy uTim Sukazi kwabeSABC Sport ngenyanga edlule, iqembu lakhe ngeke limvimbele umdlali osemncane ofuna ukuya kwelinye iqembu. 

USukazi wakusho lokhu ngesikhathi edalula ukuthi nebala sebevumelene neKaizer Chiefs ngesitobha uGiven Msimango ukuthi badayiselane.

Wathi lo mdlali kufanele ngabe usehlezi ekhona kwiBafana Bafana futhi usola ukuthi yiqembu adlala kulo eselimbambezele. 

Phela kuyaziwa ukuthi abaqeqeshi bamaqembu esizwe kuleli babuka kakhulu amaqemu athathwa njengamakhulu futhi bafuna abadlali bawo. 

Yingakho lesi sikhulu seTS Galaxy singabanga nankinga ukuvuma uma iChiefs ifika izokhuleka ifuna lo mdlali wasemuva obukeka enekusasa elihle. 

Eyokuvela kwekaButhelezi nokufunwa yiPirates akuyona into entsha njengoba leli qembu like lazama ukumthola ngaphambi kokuqala kwale sizini. 

Yamiswa ngenxa yokuthi neTS Galaxy beyishoda konozinti ngaleso sikhathi, yacela ukuba ake ahlale okungenani enye isizini. 

Manje kubukeka leli qembu laseMpumalanga selizimisele ukumdedela. Kodwa Impempe beyike yathola ukuthi naye lo nozinti uya eNaturena. 

Yahletshelwa ngosondelene naye lo nozinti ukuthi iTS Galaxy ibadayise kanyekanye noMsimango kwiChiefs. 

“Kuvele kwahlanganiswa imali kanti iTS Galaxy isazocabanga ukuthi iyamfuna yini uBruce Bvuma njengoba iChiefs ifuna ukubanika yena,” kusho lo mthombo. 

Isikhulu seTS Galaxy aninankinga nokudayisa

Wakuveza nokuthi lonozinti akeneme ngokuthi isinqumo ngekusasa lakhe sathathwa engatshelwanga lutho yena. 

Sakuveza futhi ukuthi iSekhukhune United nayo iyamfuna futhi seyimbekele imali enhle etafuleni ezomholela yona uma evuma ukuza kuyo. 

Nokho yona yayingakaveli kwiTS Galaxy ukuyocela isihlobo esihle ngalo ngalo nozinti osevele uyavela nakwiBafana.

“Inkinga wukuthi yinhle imali ebekwe yiSekhukhune azoyihola futhi angiboni iChiefs ingafika kuyo,” kusho lo mthombo ngaleso sikhathi. 

“Nabanye onozinti anabo eqenjini lesizwe njengoRonwen Williams bayamqgugquzela ukuthi aye eqenjini elizombeka emehlweni abantu. 

“Bayakholelwa kuye ngakho engagcina evumile ukuya kwiChiefs ngenxa yokuthi inedumela, kodwa ngokwemali iSekhukhune ihamba phambili.” 

Ukuthi yiyiphi kulezi zinkunzi zaseSoweto ezogcina imtholile lo nozinti sekuyocaca uma kuphela isizini. 

Isikhala sakhe sona sikhona kuwo womabili lamaqembu. KwiPirates kuvela ukuthi uRichard Ofori uyahamba kanti uSiyabonga Mpontshane usekhulile ngeke esadlala njalo uma egcinwa. 

FUNDA NALA: U-Arthur Zwane ucacisa ngomehluko phakathi kweChiefs nePirates

KwiChiefs khona uBvuma kuvela ukuthi uzokhonjwa indlela, bese kusala uBrandon Petersen no-Itumeleng Khune. 

Nokho uKhune naye njengoMpontshane ngeke esadlala njalo. Uma uButhelezi egcina kwiChiefs, uzolibanga noPetersen ijezi. KwiPirates uzolibanga noSipho Chaine. 

Bobabili uPetersen noChaine abakakhombisi ukuthi bengalenza elabo ijezi likanozinti kulamaqembu futhi uma eqhubeka nezinga akulo uButhelezi, engalidla kalula ijezi kubo.