EzakamuvaIbholaiGladAfrica Championship

Kutatazela nogqihile kwi-Championship, isicoco sihamba noR-Million

By Sihle Ngubo

IPremier Soccer League (PSL) seyikuqinisekisile ukuthi umpetha weMotsepe Foundation Championship wesizini ka-2022/23 uzokhala emuke no-R5 million.

IMotsepe Foundation Championship ibishubile kakhulu kule sizini nokufakazelwa ukuthi umpetha uzoze avele ngosuku lokugcina lwesizini.

Amaqembu amathathu adlala kule ligi (iCape Town Spurs, iCasric Stars, nePolokwane City) asesembangweni wesicoco, kanti azodlala imidlalo yokugcina ngeSonto. 

Ngenxa yokuqhelelana kwezindawo iligi seyinqume ukuthi indebe yeMotsepe Foundation Championship, izindondo nesheke lozowina kuzonikezelwa ngesinye isikhathi. 

Akukho ukungabaza ukuthi imidlalo yangeSonto izoshuba futhi ibhekwe ngabomvu. Lapha sibheka imidlalo emithathu kuyiyo ezocacisa ngompetha.

Cape Town Spurs v University of Pretoria

Ukunqoba. Yilokho kuphela okudingwa yiCape Town Spurs kulo mdlalo ukuze ingene igijima kwiDStv Premiership. 

Njengamanje yiyo i-Urban Warriors ezihola phambili kwiMotsepe Foundation Championship njengoba inamaphuzu angu-56 ngemuva kwemidlalo engu-29. 

Iphutha elilodwa nje, ingazibona seyikhale ngaphansi, iyodlala kweyokuhlunga kwazise iCasric Stars iyihlezi ezitendeni. 

IStars inamaphuzu angu-55, bese ilandelwa yiPolokwane City ngamaphuzu angu-55. Uma ubheka indawo i-University of Pretoria ekuyo, ungabona kuzoba lula kwiSpurs. 

Nokho AmaTuks azobe ebheke ukuqeda endaweni engcono kunale yesishiyagalombili akuyo njengamanje. 

Akubanga ke yisizini enhle kuwo lena kwazise avamise ukuba semaqenjini ahubha isicoco noma indawo emidlalweni yokuhlunga. 

Polokwane City v Pretoria Callies

NjengeCape Town Spurs, iPolokwane City nayo kumele iqinisekise ukuthi iyanqoba kulo mdlalo ukuze uma imiphumela yamaqembu ebanga nawo isicoco iyivuna, ibuyele kwiPremiership. 

Leli qembu laseLimpopo lisendaweni yesithathu kwilogi ye-Championship njengamanje, isalele ngamaphuzu amabili kwiSpurs. 

Ike yabhekana nezinsolo zokuthi igwazela onompempe uma idlala ekhaya okwenze amanye amaqembu afuna kube nabethelevishini ukuze kubone izwe lonke izimanga ezenzeka emidlalweni yayo yasekhaya. 

Iyiqale kahle isizini ngaphansi kukaPapi Zothwane kodwa ubuye washiya wabuyeka kuThongathi. Lokho akuzange kuyiphazamise iPolokwane ngoba iqhubekile nokwenza kahle. 

Iyithole kabi ke iCallies isanda kungena efomini futhi ibheke ukuyiqeda ngegiya eliphezulu isizini ukuze ilungisellee kahle ezayo. 

IPolokwane City ike yadlala esigabeni esiphezulu kodwa yadliwa yizembe eminyakeni emithathu edlule.

All Stars v Casric Stars

ICasric Stars isebenze ngendlela ebingalindelekile kwazise yiqembu elisha kulesi sigaba. Ingene sekusondele kancane kuqale iligi ithenga isitifiketi seFree State Stars. 

Beyilokhu isemaqenjini aphambili kusukela yaqala isizini futhi ike yazihola phambili kodwa yabuye yalibaziseka.

FUNDA NALA: IMaritzburg United kumele yenze izinguquko ezinqala – Ndlovu

Njengamanje isendaweni yesibili kanti nayo ibheke ukuthi iSpurs iqhuzuke bese iyagxuma ithathe indawo yokuqala. 

Uma ingakwazi ukugcina kuyiyo engenayo, kuyobe iqophe umlando kulesi sigaba. Nokho kuzomele izibambe ziqine kwi-All Stars. 

Njengoba kuvele izindaba zokuthi iqembu selidayisiwe kuleli viki, abadlali be-All Stars bazobe belwela ukuthi baziveze kwamanye amaqembu. 

Kodwa ngokwefomu iStars kumele ikwazi ukuwawola kalula amaphuzu agcwele kulo mdlalo, bese imincela ukuthi iSpurs iqhuzuke.