EzakamuvaIbholaiDStv Premiership

Bazofa isizungu eMgungundlovu uma kubhimbile kwiMaritzburg

By Sihle Ngubo

Abalandeli beMaritzburg United kungenzeka ukuthi ngoMgqibelo bazobe bebuka iqembu labo lidlala kwiDStv Premiership okokugcina ngci eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

Abalandeli baleseka ngokungenamkhawulo leli qembu kule nkundla. Team of Choice ibhekene nokugawulwa yimbazo enkulu bese iyositha kwiMotsepe Foundation Championship. 

Izobhekana neStellebosch FC emdlalweni weligi eHarry Gwala Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. 

Isimo sibi kakhulu kwiMaritzburg esegunjini labagula kakhulu njengoba inamaphuzu angu-26 endaweni yokugcina kwilogi yePremiership. 

Umdlalo wokugcina wesizini izowudlala neMamelodi Sundowns ePitoli ngoMeyi 20, nokuyilapho amaBrazilians ezonikwa khona indebe yeligi ka-2022/2023 ngokusemthethweni.

Leli qembu elicijwa uFadlu Davids alidingi ukuwina kuphela kwiStellies kodwa lidinga nokwenzelwa ufefe yiTS Galaxy, ishaye iChippa United engaphezu kwayo (iMaritzburg) ngamaphuzu angu-29. 

IMaritzburg ingakwazi ukuhlanganisa amaphuzu angu-32 kuphela uma iwina imidlalo esele kodwa lokho ngeke kuyiphephise ezembeni uma amaqembu angaphezu kwayi, iChippa (29) neMarumo Gallants (29) eyiwina imidlalo esele.

Abalandeli beMaritzburg baphuma ngobuningi babo uma leli qembu lidlalela eHarry Gwala Stadium, kungakhathalekile ukuthi lisuke libhekene naliphi iqembu. 

Phezu kwalokhu kwesekwa imiphumela ibiliphika iqembu kusukela ngesizini edlule lapho lisinde khona sekuvalwe amehlo ezembeni. 

Nakule sizini awubanga khona umehluko yize iMaritzburg ibidlala ebhola elihle ngezinye izikhathi.

“Iqembu lesekwa kakhulu uma lidlalela ekhaya (eMgungundlovu) yize lingenabo abadlali bakuleli dolobha abaningi abalidlalelayo. 

“Kodwa siyafuna livike izembe ngoba kungaba buhlungu kakhulu uma lingahamba,” ucashunwe yiMpempe esho kanje uSandile “AK 47” Ndlovu emasontweni edlule.

Ukudliwa yizembe kweTeam of Choice kungasho indlala yebhola lePremiership eMphithi namaphethelo. 

Kungaphinde kunciphise amaqembu aKwaZulu-Natal adlala kule ligi abe mane. 

Ngaphezu kwalokho abanye abadlali bazophelelwa yimisebenzi bazithole bengazi ukuthi bazodlala kuphi ngesizini ezayo. 

Uma iqembu lidliwe yizembe labo abahola kakhulu kumele bavume ukwehliselwa imiholo nomake babone abeza ngayo. Abanye ke baba nenhlanhla bathathwe amanye amaqembu.

Liyathanda ibhola eMgungundlovu

Okunye okungase kwenzeke kwiTeam of Choice, uma yehlela kwiMotsepe Foundation Championship, ukuthi usihlalo uFarook Kadodia alidayise iqembu. 

Lo sihlalo useke wasikaza kaningi ukwenza lokho futhi ngeke kumangaze uma engalidayisa iqembu noma lisindile embazweni enkulu.

Okungangabazeki okungenzeka kwiMaritzburg, uma ishonelwa yilanga, ukuthi ingahlamukwa umasipala waseMgungundlovu obulokhu uyixhasa ngemali. 

Lo masipala ungesinye sezizathu ezenze ukuthi uFarook Kadodia angadayisi kumasizini edlule nokuthi angafudukeli ePort Elizabeth lapho babemhalisela khona ngezigidi.

Njengamanje iTeam of Choice ilengele eweni futhi elangoMgqibelo lingase lishone nayo. 

Lokhu kuyosho ukuphela kwethemba kubadlali bebhola abasafufusa eMgungundlovu, yize kunesikhalo sokuthi leli qembu alilisebenzisi ngendlela ikhono eliyintaxa elikhona kuleli dolobha namaphethelo.

Kuzocaca ngo-5 ntambama ukuthi eHarry Gwala Stadium ukuthi iTeam of Choice isazoqhubeka yini nokuphefumula kuleli gumbi labagula kakhulu elele kulona njengamanje. 

Nokho uma ingawini kwiStellies bese iChilli Boys ithole amaphuzu aphelele kwiGalaxy, kuyosho ukushona kwelanga eMgungundlovu. 

FUNDA NALA: Yengeza ngomunye umgadli i-Orlando Pirates yize inenqwaba

Uma kwenzeka lokho iyoke iphinde ibonakale yini inhlansi yalo (ilanga) noma kuyobe sekuwukuphela ngeqembu elidlala esigabeni esikhulu elisebenzisa iHarry Gwala Stadium. 

Bonke ubuhlungu buyohlaba buzwele kubalandeli abangakaze balidikile iqembu noma izinto sezibheda kanjani.