EzakamuvaIbhola

IPirates yangithumba ejimini yeSwallows – uNaughty Mokoena

By Njabulo Shezi

UNaughty Mokoena, owayegijima kwi-Orlando Pirates neBafana Bafana edume ngokuhlupha, useveze ukuthi leli qembu layixhopha kanjani iSwallows mhla limsayina. 

Lo mdlali wayenekhono elihle esiswini, eyinjini kodwa ngenxa yokuhluleka ukuziphatha wagcina ephelele ezeni.

Wake waxoshwa nasekhempini yeBafana Bafana ngesikhathi seNdebe yoMhlaba eFrance gno-1998 kulandela ukuthi beqile bayojayiva namantombazane. 

Ubenengxoxo muva nje nabohlelo lakwiYouTube iTK Solutions TV la aveze khona izigigaba ezenzeka ebholeni ngesikhathi sakhe. 

Ekhuluma ngokuthi washiya kanjani kwiMoroka Swallows eya kwiPirates, uthe wathunjwa esejimini.

“Ngangisejimini yeSwallows ngesikhathi kuvele kufika imoto enemibhalo nophawu lwePirates izongilanda,” kusho uNaughty Mokoena. 

“Umshayeli wemoto azange akhulume okuningi kimi, wavele wangitshela ukuthi angingene emotweni sihambe. 

“Angitholanga nethuba lokuyogeza ngishintshe nezimpahla. Ngavele ngakhumula ezeSwallows ngazishiya lapho. 

“Uma ngifika emotweni ngaphakathi ngafica isikhwama esinezimpahla zePirates okwathiwa ngezami,” kuchaza uNaughty Mokoena. 

Uthi imoto yahamba yayombeka ehhovisi likasihlalo wePirates u-Irvin Khoza la afica inkontileka imlindile. 

“Sahamba sayohlangana no-Irvin Khoza. Nganikezwa inkontileka, ngakhonjiswa la kumele ngisayine khona. 

“Nami ngavele ngasayina ngingazange ngisafunda ngisho igama elilodwa,” kuchaza lo mdlali oseneminyaka engu-48. 

Ngesikhathi iPirates imthumba ejimini yeSwallows, wayengakasayini njengoba yayisamhlola esuka kwiManning Rangers. 

Ezingxoxweni abe nazo nabezindaba phambilini uNaughty Mokoena wakuveza ukuzisola kwakhe ngezenzo zakhe ezamqedela ikusasa ebholeni elikhokhelayo. 

FUNDA NALA: UPitso Mosimane ufunwa elaseTunisia elifuna iChampions League

Ngaphandle kweSwallows, Rangers nePirates, wake wadlala kuMaZulu, African Wanderers neBlack Leopards. 

Nokho kuwo wonke lamaqembu wayehamba kungasekuhle esehluphe kwaze kwafika la abaphathi becikeka khona. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *