EzakamuvaIbhola

Dzvukamanja: Imenenja ibonga uRiveiro, icacisa ngekusasa lakhe

By Sbongs Gumbi

UTerrence Dzvukamanja kufanele ukube ungumdlali wokuqala i-Orlando Pirates efuna ukuvuselela inkontileka yakhe kulaba abaphelelwa ngezabo ngenyanga ezayo. 

Nokho imenenja yakhe uMike Makaab, ithi yikhathi isazoyoxoxisana naleli qembu ngalo mgadli odabuka eZimbabwe. 

UMakaab uncome nomqeqeshi wePirates uJose Riveiro ngokukholelwa kuTerrence Dzvukamanja noma bekuke kubukeke izinto zimphika. 

“Ngicabanga ukuthi uJose Riveiro wenze umsebenzi omuhle ngoTerrence,” kusho uMakaab kwabeGagasi FM Sports kuleli viki. 

“Umnike ithuba futhi bekuthi noma uTerrence edonsa kanzima, aqhubeke nokumethemba. 

Naye uTerrence uyisebenzele iPirates. Ushaye amagoli abalulekile njengoba beyisilwela ukuqeda endaweni yesibili. 

“Futhi ke sonke siyazi ukuthi igoli elibaluleke kunawo wonke alishayile yileli alishaye kowamanqamu kwiNedbank Cup,” kusho uMakaab. 

Uphinde waveza ukuthi le mibiko ethi sebevele baqalile ukuxoxisana nePirates ayishayi khona ngoba yikhathi bona bezoqala izingxoxo. 

“Sengike ngafuna imibiko ethi sesiziqalile izingxoxo nePirates. Kuyangimangaza ukuthi bakuthathaphi lokho. 

“KOdwa ngizoxoxa neqembu. Ngizoxoxa nosihlalo ukuthola ukuthi bambona ekuphi uTerrence Dzvukamanja ukuya phambili. 

“Ngizophinde ngihlale phansi nomdlali ngizwe ukuthi yena uzibona ekuphi ukusuka manje kuya phambili. Ngakho okuningi kuncike kulezo zingxoxo.” 

UMakaab uthe uzoya eGoli ukuyoqala lezi zingxoxo ngoba ufisa uTerrence Dzvukamanja aye ekhaya esazi ukuthi ikusasa lakhe lime kanjani. 

“Nginethemba lokuthi yinto ezolungisela kuleli viki ukuze uTerrence aye ekhaya esazi ikusasa lime kanjani. 

FUNDA NALA: Aseyamdedela AmaZulu umdlali amlande kuqala isizini

“Lokho kubaluleke kakhulu. Miningi imihlangano engizoba nayo eGoli kuleli viki. Futhi ngiyethemba sizosithola isixazululo kolukaTerrence. Ufanelwe yinkontileka enhle impela uma ubheka akuzuzile.”