Usuphakathi kweMritzburg neSpurs umbango wendawo kwiPremiership
By Sihle Ngubo
Umjaho wokuthi yiliphi iqembu elizoba ngelika-16 kwiDStv Premiership, ubukeka usuphakathi kweMaritzburg United neCape Town Spurs.
Lokhu kulandela ukushaywa kabili kweCasric Stars emidlalweni yayo yokuvula. ICasric, eqede endaweni yesithathu kwilogi yeMotsepe Foundation Championship, iqale yashaywa yiCape Town Spurs, eqede kweyesibili.
Ishaywe ngo 1-0 emdlalweni wokuqala wokuhlunga ngempelasonto edlule. Kowesibili iphinde yakhala induku ishaywa yiMaritzburg United ngo 2-0 eHarry Gwala Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
Lokhu kushaywa kweCasric kuyenze yaba namathuba amancane kakhulu okuthi ingafeza iphupho lokudlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.
Leli qembu sekumele lishaye iMaritzburg ekhaya neSpurs ekuhambeni, bese lithemba ukuthi la maqembu adlala ngokulingana emidlalweni yawo emibili.
Umdlalo ongase ucacise ukuthi ibheke kuphi imidlalo yokuhlunga, ophakathi kweMaritzburg United neSpurs ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Ukuwina kwelilodwa lala maqembu kuzosho ukuthi sekuphele nya ngeCasric engenaphuzu kanti seyidedele amagoli amathathu.
IMaritzburg yiyo eqhwakele kwilogi yamaqembu amathathu ngoba ishaye amagoli amabili ibhekene neCasric.
Nokho iTeam of Choice kuzomele izibambe ziqine, futhi nomqeqeshi wayo uFadlu Davids uyakwazi lokho.
“Nakanjani akumele siwathathe kancane amaqembu aqede endaweni yesibili neyesithathu kwiChampionship.
“Sizothatha le midlalo njengeyamanqamu njengoba besenza kweyokugcina yePremiership,” kusho uDavids ekuqaleni kwesonto.
FUNDA NALA: Isethubeni elihle lokudla isicoco seCurrie Cup iCell C Sharks
Ukuwina kweMaritzburg kwiSpurs ngoMgqibelo kungasho ukuthi sekumele idlale ngokulingana kuphela emidlalweni yayo emibili yokugcina bese iqhubeka nokudlala kwiPremiership.
Nokho ngeke kube lula ukubhekana nezikaShaun Bartlett ezibukeka zikulambele ukunyukela lapho kunoju khona.