IKaizer Chiefs ifuna ukumelulela inkontileka uSifiso Hlanti
By Njabulo Shezi
USifiso Hlanti ngomunye wabadlali ababeyisibani ebumnyameni kwiKaizer Chiefs ngesizini esanda kusongwa futhi leli qembu lifuna ukumgcina.
Lo mdlali wasemuva kwesokudla ungomunye wabanamava kwiChiefs kodwa kuthiwa akaziphakamisi njengoba ezwana nabo bonke abadlali, ngisho laba abasebancane.
Nokho bekuke kwavela ukuthi angase abe ngomunye wabazokhululwa njengoba kuphela inkontileka yakhe ekupheleni kukaJuni.
Bekuthiwa iChiefs ifuna ukuthola umdlali osemncane kule ndawo adlala kuyo ukuze yakhele ikusasa ngaye.
Kodwa manje ngokubika kwabePhakaaathi, sekujikile lokho njengoba bezomnika inkontileka yonyaka ukuze aqhubeke kuleli qembu.
“Kube yisizini enhle le kuSifiso Hlanti futhi abaqeqeshi bajabule ngaye,” kucashunwe umthombo usho kanje kulo mbiko.
“Amava akhe abalulekile kakhulu odongeni lwasemuva kwiChiefs futhi ke nje uma sikhuluma iqiniso, usangadlala kahle nje okungenani eminye iminyaka emithathu.
“Kodwa ke inkontileka izokwelulwa ngonyaka owodwa okwamanje bese kubonwa lapho ke ukuthi kwenzeka kanjani.
“Angazi kahle ukuthi ngabe izingxoxo seziphothuliwe yini, kodwa khona uzonikwa unyaka owodwa ngokuzwa kwami.”
Lo mthombo ubuye waveza ukuthi akuyena uSifiso Hlanti kuphela onezingxoxo nabaphathi eNaturena njengoba kuhlanganiswa izinto ukulungisela isizini ezayo nje.
“Baningi abanye abadlali iqembu elixoxisana nabo ngezinkontileka zabo. Kodwa konke kuzocaca kahle ngasekupheleni kwale nyanga.
“Ngeke ngibe nesiqiniseko ngosuku, kodwa kuzomenyezelwa uma iqembu seliqede konke, selimemezela nelibachithayo.”
FUNDA NALA: Ugcine elitholile iqembu uThabo Rakhale obesewujikanelanga
USifiso Hlanti ufike kwiChiefs ngoJulayi ka-2021 esuka kwiSwallows FC. Nokho uhlaselwe wukulimala okumbambezelile.
Kodwa ekubuyeni kwakhe uwenzile umehluko njengoba nendawo yasemuva kwesokunxele eyenze eyakhe kule sizini.