UThabo Mooki uncengela uZwane kubalandeli beChiefs
By Njabulo Shezi
Inkakha yeKaizer Chiefs eyayingumdlali ongaconsi phansi kubalandeli, uThabo “Tsiki-Tsiki” Mooki ukholwa wukuthi ingcindezi ebhekene nomqeqeshi u-Arthur Zwane yinhle.
Ukholwa wukuthi izomenza ahlale eqwashile futhi azi ukuthi akumele enze amaphutha amaningi kulo msebenzi anikwe wona wokuvusa iChiefs.
Kodwa noma kunjalo, uThabo Mooki unxenxa abalandeli baleli qembu ukuthi behlise umoya, babe nesineke kwazise lo msebenzi onikwe uZwane awulula neze.
UZwane uqede isizini yakhe yokuqala engumqeqeshi ngokugcwele kwiChiefs esendaweni yesihlanu kwilogi yeDStv Premiership. Uhlulwe kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 neNebank Cup.
Kodwa ke iphele sekuqalile ukukhononda kubalandeli abafuna aketulwe kulesi sihlalo akuso, kufakwe omunye umqeqeshi.
Uke waze wajikijelwa yibo abalandeli emdlalweni wezakhe neSuperSport United. Konke lokhu abaphathi bakuzwile futhi bakusukumela.
Nokho banqume ukuqhubeka naye uZwane, bethembisa ukumeseka njengoba bekholwa wukuthi uzozijika izinto eNaturena.
“Wumsebenzi oqhubekayo, wuhambo futhi akuyona into elula,” usho kanje uThabo Mooki ekhuluma nabezindaba ngempelasonto.
Ubekhuluma ngemuva komdlalo wezinkakha la iChiefs ishaye khona omakhelwane bayo i-Orlando Pirates. Lo mdlalo bewuseMalamulele Stadium, eGiyani, eLimpopo.
“Njengoba wazi nje, u-Arthur usazama ukulakha iqembu. Ubesebenza ngabadlali abakhona, ezama ukuthola indlela efanele yokubadlalisa.
“Vele ke kuzoba nzima. Akulula neze, ikakhulukazi uma ubheka nale ngcindezi anayo. Kodwa ake sibone ngesizini ezayo ukuthi kuhamba kanjani.
“Kumele sibe nesineke. Kodwa ke khona lapho ingcindezi iyadingeka ukuze angahlali nje adeklezeke. Kumele ahlale azi ukuthi abalandeli bafuna imiphumela.
“Kodwa nabo abalandeli kumele behlise umoya, bamnike isikhathi. Kumele sibheke ngesizini ezayo ukuthi kuhamba kanjani sekukhona nabadlali abasha.”
FUNDA NALA: AmaZulu amataniswa nomqeqeshi onenukani ebholeni lakuleli
IChiefs kulindeleke yenze izinguquko kubadlali, kube khona abasha abafikayo. Seyivele ke isayine oThatayaone Dithlokwe noGiven Msimango.
UDithlokwe ubekwiSuperSport United kanti uMsimango yena ubekwiTS Galaxy. Kubikwa nokuthi seyimtholile noMduduzi Mdanstane obekwiCape Town City.