UWillard Katsande ubhodla ngokuvinjwa yiChiefs ukuya phesheya
Njabulo Shezi
Iqembu laseGermany, iHamburger SV lajikiswa esangweni eNaturena lithi lizocela isihlobo esihle ngoWillard Katsande.
Lokhu kwenzeka ngo-2013 ngesikhathi lo mdlali ekwisizini yakhe yokuqala kuleli qembu laseNaturena.
UWillard Katsande uhlale iminyaka ecele eshumini kwiChiefs njengoba eze washiya kumasizini amabili edlule.
Kodwa ukube kwaya ngokwezifiso zeHamburger SV, wayezohlala eyodwa bese ewelela phesheya eyodlala kuyo.
Lezi zindaba zivezwe nguye uWillard Katsande kuleli viki ekhuluma nabephephandaba langakubo eZimbabwe i-H-Metro.
“Ngemuva kokunqoba iligi kwisizini yami yokuqala kwiChiefs, iHamburger yafika ifuna ukungisayina,” usho kanje.
“Kodwa ke ngeshwa akwenzekanga lokho ngoba ngangisenenkontileka eseyintsha neChiefs. Ngicabanga ukuthi abavumelananga ngokudayiselana.”
Yize wayezogcina mhalwumbe edlulele kumaligi amakhulu e-Europe, uKatsande uthi akayisoli iChiefs ngokunqaba naye.
“Angazi baphambanaphi. Kodwa akuyona into engikhathazayo noma engizisolayo ngayo leyo,” kuchaza lo mdlali obelidovola esiswini.
Ugcine ukudlala kwiSekhukhune United kodwa wabuye waqoka ukuwaphonsa ethala amakhokho ngemuva kwezinyangana ezimbalwa.
Uphinde waveza nokuthi wabambezeleka kanjani ekutheni akhule ebholeni. Uthi ukube washeshe wadlala kule ndawo agcine edume ngayo ngabe waya kude.
UKatsande uqale ukudlala ibhola engumdlali wasesiswini ohlaselayo. Kodwa kuthe uma efika kwi-Ajax Cape Town kuleli, uFoppe De Haan wamshintsha.
“Ukube ngasheshe ngathola abaqeqeshi abakhaliphile, babona ukuthi ngimuhle kuphi ngisemncane angingabazi ukuthi ngangiyogcina ngidlala kwiReal Madrid.
FUNDA NALA: Okwenze uJosef Zinnbauer agabhe iRichards Bay, aqome iRaja
“Ngangojika kuyo, ngidlale amasizini amabili noma amathathu,” kusho yena kulo leli phephandaba langakubo.