EzakamuvaIbhola

UTim Sukazi ucacisa eyokumataniswa nePirates kuka-Aubass

Sbongs Gumbi

UBathusi Aubass uzifake ezinhliziyweni zabalandeli bebhola kuleli ngesikhathi edlala kahle kwiBafana Bafana ngempelasonto.

Ushiye abalandeli bengawuvali umlomo kanti ngabePirates abebejabule ngokwedlulele. Phela lo mdlali kunamahlebezi okuthi usesayinile kuleli qembu. 

NabeBafana benze iphutha elibajabulise okwengane inikwa uswidi abePirates ngesikhathi bembhala ngokuthi uqhamuka kuleli qembu ohlwini lwabadlali abaqale umdlalo.

Nokho leyo njabulo izoshabalala kuhle kuhle kwamazolo ebona ilanga uma bezwa okushiwo uTim Sukazi ngalezi zindaba.

Lo mengameli weTS Galaxy, okuyiqembu adlala kulo lo mdlali uthi ngamampunge ukuthi uya kwiBhakhaniya ngesizini ezayo.

“Uyacabanga nje ukuthi kudale ukukhuluma okunjani lokhu okwenzekile, izinkulumo ndawo zombili (kwiPirates nakwiGalaxy),” kusho uSukazi kwabeRadio 2000 ngoMsombuluko kusihlwa. 

“KwiPirates abalandeli sebebheke ukuthi ibathulele u-Aubass ekubeni abakaze bakhulume lutho ngaye neTS Galaxy.

“Akukho qembu eselike lafika kithi lizocela isihlobo esihlengo-Aubass – lutho,” kuchaza uSukazi. 

Nokho akawuvalile umnyango eqenjini elifisa ukuzofongqa isigqoko, licele ukudayuselwa lo mdlali wasesiswini.

“Nakanjani, uma kukhona abaqhamukayo sizobalalela. Siyileyo nhlobo yeqembu,” kuchaza uSukazi.  Uveze nokuthi akakasitholi isixoliso esisemthethweni kwiSafa.

Uthe uthintwe yimenenja yeqembu acabanga ukuthi ibone imibhalo yakhe ezinkundleni zokuxhumana, yamchazela ngokwenzekile kuze kubhaliswe u-Aubass njengomdlali wePirates.

“Ungichazelile. Uthe ubesebenzisa uhlu oludala, eshintsha amagama. Ususe igama kikaMiguel Timm wafaka elika-Aubass kodwa walibala ukushintsha eleqembu.”

FUNDA NALA: AmaZulu asenyonyobela umqeqeshi welaseGauteng, afisa no-Ertugral

 Akenelisekanga ke kodwa uSukazi ngalokhu njengoba ethi kuhlambalaze iqembu lakhe nePirates ngalento ka-Aubass.