EzakamuvaIbhola

Injabulo i-Opopo FC ixhaswa ngabe-10Bet ngezinsiza zokudlala

Sbongs Gumbi

UFernando Ndie wavukwa wubizo lwebhola ngesikhathi ezihambela ezitaladini zeGoli ebuya emsebenzini ebona abafana bezidlalela emgwaqeni. 

Coshe kukhona kuye okwakuthi naye akangene adlale nabo. Kodwa wabona ubungozi njengoba kuphithizela izimoto nabantu. 

Wabe esefikelwa wumqondo wokuthi abahlanganise bakhe iqembu bese ebacija ukuze badlale ngendlela ehlelekile. Lokhu kwenzeka ngo-2014. 

Uma udllisa isikhathi uza manje. Laba bafana sebeyiqembu elidlala ezigabeni zeSafa kumaligi e-SAB eGoli. Igama leqembu yi-Opopo FC. 

UNdie, odabuka eCameroon, utshele Impempe ukuthi wasungula leli qembu sakudlala. “Ngathenga amabhola namavesti ngabaqeqesha. Kwaqala kuyinto engiyenzela ukuchitha isizungu nokuthi baqoqeke, bangahlali emigwaqeni,” kusho uNdie.

“Manje sesikhulile. Sekukhona nabafana abaqhamuka kwezinye izifundazwe esihlala nabo emakhaya ethu.  

Leli qembu selizame kathathu ukungena kwi-ABC Motsepe League kodwa lifike lihluleke kweyokuhlunga. 

Kodwa ke imisebenzi iyabonakala njengoba selikhiqize abadlali abathathu abazakhela igama ezigabeni eziphezulu. 

Kukhona uSiyabonga Khumalo odlala kwiSwallows FC kanti oThandanani Ndlovu noSibusiso Ndlovu bona badlala ePoland kwiMKS Cargovia Kargowa.

Kuleli viki, eli qembu lithole uxhaso lwamajezi nanabhola nezinye izinsiza kwinkampani yezokubheja esanda kufika kuleli i-10Bet. 

“Lolu xhaso luyisibusiso. Besicabanga nje ukuthi njengoba kuzoqala isizini, sizothathani sihlanganise nani. 

“Amajezi ebesiwasebenzisa agugile ngoba besisebenzisa wona kule minyaka emine edlule. Abe-10Bet bafike ngesikhathi sibadinga kakhulu. 

UZanele Nhlapo (osesithombeni ngezansi), okhulumela i-10Bet South Africa, uthe yisiqalo lesi ngoba bafisa ukufaka isandla emaqenjini ehlukene. 

“Siyinkampani i-10Bet, uhlelo lokuqala lolu esilwenzayo eNingizimu Afrika. Sisesabasha la ezweni. Lesi yisinyathelo sokuqala sokuqinisekisa ukuthi siyasifaka isandla ekufukuleni ezemidlalo. 

“Sifuna ukugxila kwezemfundo yezemidlalo, izinsiza zezemidlalo njengoba namanje nibonile sinikela ngezinto zokudlala. 

“Sifisa ukwenza kube lula emaqenjini ukuthi agxile kwezinye izinto, nokuzithuthukisa, bangakhathazeki ngezinto ezifana nezinsiza,” kusho uZanele. 

FUNDA NALA: UPitso uthi uNabi muhle kwiChiefs, ushaya amakhala ngabadlali

“Okwamanje asikazukwakha ubudlelwano besikhathi eside. Kodwa uma izimali zisivuna ngokuhamba kwesikhathi, sizobakha lobo buhlobo. 

“Okwamanje besixhasa nje ngesimnakho. Kodwa sizobheka namanye amaqembu esingawaxhasa. Okwamanje yisikhathi se-Opopo.”