‘Unesalamuzi’ lomsebenzi uFadlu Davids oseyosebenza eMorocco
Sihle Ngubo
UFadlu Davids, obeqeqesha iMaritzburg United, unenhlanhla yomsebenzi futhi akazitholi ehleli engenzi lutho isikhathi esiningi ungaze ufunge ‘unesalamuzi’ .
Lo mqeqeshi akupheli ngisho inyanga ehleli uma echithwe yiqembu elithile bese asheshe awithole umsebenzi.
UDavids uchithwe yiTeam of Choice esontweni eledlule ngemuva kokuthi ehlulekile ukusindisa leli qembu laseMgungundlovu ezembeni selidlala imidlalo yokuhlunga.
IMaritzburg ihlulekile ukuwina umdlalo wokugcina ibhekene neCape Town Spurs yashona kwiMotsepe Foundation Championship.
UFarook Kadodia ongusihlalo weMaritzburg, ukhwele wadilika kubadlali nakuye uFadlu Davids ngemuva lokuthi iqembu lakhe lidliwe yizembe.
Ukhale ngokuthi kukhona ‘abamdayisile’ futhi akumangazanga ngesikhathi uDavids eshiya kwiTeam of Choice.
Nokho kumele ukuthi akusadikizi ndawo kuDavids njengoba uJosef Zinnbauer evele wamlanda wathi akazoba yiphini lakhe kwiRaja Club Athletic yaseMorocco.
UKadodia ubekhale nangokuthi uFadlu Davids waqala ukuxoxa neRaja ngesikhathi esasebenza kwiMaritzburg, emsola ngokuthi umqondo ubungasekho kuleli qembu.
UZinnabauer usebenze kakhulu noDavids kwi-Orlando Pirates ngaphambi kokuthi amshiye noMandla Ncikazi abasale baqeqesha naye ngokubambisana.
Kuthe uma iBucs imchitha uDavids wambiza uZinnbauer ukuthi azosebenza naye kwiLokomotic Moscow eRusia yize kube yisikhashana esincane baxoshwa.
Ubuye lapho wajoyina iMaritzburg okuyiqembu aqale kulona ukuqeqesha ngemuva kokugaxa amakhokho emgibeni njengomdlali.
Leli qembu laseMphithi ubesuke kulona ngesikhathi ejoyina iPirates.
FUNDA NALA: Inhlanzi ishelwa amanzi ku-Aubrey Ngoma kwiSuperSport
Okuhlalukayo ukuthi uZinnbauer uyakholelwa kuDavids njengoba kungokwesithathu ezoba yiphini lakhe emaqenjini amathathu ehlukene.
Akungabazeki ukuthi lokhu kuthandwa uZinnbauer kukaDavids kuzomvulela iminyango eminingi kuphinde kumnike amava kwezokuqeqesha.