Ishaya phansi ngonyawo iHammarsdale AC ngeMandela Marathon
Alfred Ngubane
IHammersdale Athletics Club ithi izinsolo zeKwaZulu Natal Athletics zokuthi isebenzisa igama labo ukuzicebisa nokwenza inzuzonge Mandela Marathon yalonyaka zingamampunge.
Ngokusho kosihlalo weHammarsdale Athletics Club, uRichard Bhengu bona bafaka isicelo sokuhlela iMandela Marathon ngonyaka ozayo , u-2024.
“Lokhu osekwenziwa wubuholi beKZNA, eholwa nguSteve Mkasi akukwazi ukwenzeka,” kusho uBhengu.
“Njengoba sebeqhamuka sebethi kuneMandela Marathon ezoba ngo-27 Agasti nje.
“Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule uMkasi wake wathatha amashansi ngokuthi kube neHilton Mandela Marathon.
“Kodwa yabhuntsha. Uma ngabe beqhubeka nalo mjaho kuyobe kusho ukuthi baqhwaga amandla okuhlela iMandela Marathon.
“Ngeke ke thina sibenze lutho ngaphandle kokubavala njengoba siyabona ukuthi ubuholi bukaMkasi bujahana nemali.
“Kodwa buyahluleka ukulungisa izinkinga ezikhona kwiKZNA. Inkosi uMandla Mandela, wabachitha ngoba ekhala ngokungagculiseki ngalobu buholi,” kuchaza uBhengu. Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka odlule ayikho ikilabhu eyafaka isicelo sokuhlela iMandela Marathon. Nakulonyaka ayikho ikilabhu eyafaka isicelo sokuyihlela.
“Kodwa ngonyaka odlule ubuholi beKZNA baveza ukuthi bazoyenza iMandela Marathon.
“Kodwa bakhutshwa yizinkinga, bagcina ngokuthi bushiye phansi njengoba sebephinde bazovuka nangalo nyaka.
FUNDA NALA: AwaseRomania asevule imboni kwiKaizer Chiefs
“Bazozama inhlanhla njengonyaka odlule. Kodwa hhayi nathi asiboni kuzobalungelanjengoba behamba ngesinxele nje.”
UBhengu uphinde waveza ukuthi bengavuma ukusebenzisana kodwa kuqala kumele kuxoxwe, kulungiswe izininga bese kubuyiswana kahle.