Chivaviro: Angazi lutho mina ngeChiefs neRichards Bay
Njabulo Shezi
URanga Chivaviro useveze ukuthi yena akazi lutho ngokuthi usayinwe yiKaizer Chiefs, waphika neyokuthi kukhona okumhlanganisa neRichards Bay.
Usho kanjena nje “iqembu lakhe elidala”, iMarumo Gallants, liqinisekisile ukuthi uzoya kwiChiefs ngesikhathi liveza amagama abadlali eselibadayisile.
“IGallants iyakuqinisekisa ukuhamba, phakathi kwabanye, uRanga Chivaviro (oya kwiKaizer Chiefs FC), uKatlego Otladisa (oya kwi-Orlando Pirates FC), Ismael Toure (oya kwiStellenbosch FC) noLesiba Nku (oya kwiMamelodi Sundowns FC),” kusho iGallants esitatimendeni ngoLwesihlanu.
Nokho izindaba zokuthi utholwe yiChiefs zihlangabezane nembibizane njengoba iRichards Bay nayo iphumele obala ngokuthi ungumdlali wayo.
Leli qembu laKwaZulu-Natal lithi uRanga Chivaviro wasayina kulo inkontilela yesibambiso ngoJanuwari. IChiefs ibingakasho lutho ngaye.
Ekhuluma neTimesLIVE kafushane ngoMgqibelo ngaphambi kokucima ucingo, uRanga Chivaviro uthe yena akazi lutho.
“Angikwazi konke lokho mina (mayelana nokuthi ujoyine iChiefs noma usayine kwiRichards Bay). Nami ngifana nawe nje, ngibone lokho (esitatimendeni),” usho kanje wabe eseluvala ucingo lwakhe.
Ekhuluma nesiteshi somsakazo sakwa-SABC, Ukhozi FM ngoLwesihlanu, usihlalo weRichards Bay uJomo Biyela uthe banobufakazi bokuthi uRanga Chivaviro ungumdlali wabo.
“Simsayinise iminyaka emibili nombandela wokwelula. Sizolinda iqembu limethule bese silandela umthetho,” kusho uBiyela.
FUNDA NALA: Usegcine efikile eqenjini lakhe elisha uSiyabonga Ngezana
Njengoba kwayena uChivaviro esecasha nje, kuyacaca le ndaba iya kude. Impempe yabika ngasekuqaleni kwenyanga edlule ukuthi uyeza umbango ngalo mdlali.
IRichards Bay ithi yona seyivele iwalungise wonke amaphepha awubufakazi bokuthi bamsayina lo mdlali, futhi ilindele ukuthi afike azoqala ukujima nayo.