EzakamuvaIbhola

IKaizer Chiefs seyethula abadlali abasha, kukhona noChivaviro ‘wochuku’

Sbongs Gumbi

Kubonakala kusazosuka umsindo ngesikhathi abalandlei beKaizer Chiefs besajabulele ukwethulwa kwabadlali abasha babeli qembu ngoMsombuluko. 

Kulaba badlali abayisithupha abasha beKaizer Chiefs kukhona noRanga Chivaviro iRichards Bay ecuphe uchuku ngaye. 

IRichards Bay ithi nayo ngowayo lo mgadli obegijima kwiMarumo Gallants ngesizini edlule, kanti ithe ilinde iqembu elizothi ngowayo bes eiyasuka.

Usihlalo weRichards Bay, uSifiso “Jomo” Biyela uthe uzosukuma uma sekukhona iqembu elithi ngowalo, bese ephuma nobufakazi bakhe. 

Ekhuluma emsakazweni Ukhozi FM ngoLweishlanu, ngemuva kokuthi iGallants imemezele ukuthi seyimdayisele Amakhosi uChivaviro.

“Simsayinise iminyaka emibili nombandlela wokwelula. Sizolinda iqembu limethule bese silandela umthetho,” kusho uBiyela ekhuluma emsakazweni.

NeKaizer Chiefs, ngoMsombuluko ntambama imemezele uukuthi uChivaviro uphakathi kwabadlali abayisithupha abasha. 

Laba ngoChivaviro, Given Msimango, Edson Castillo, Mduduzi Mdantsane noPule Mmodi.

UDithlokwe, umdlali wasemuva waseBotswana uqinisekiswe njengosayine kwiChiefs ngoJanuwari. 

Usayine inkontileka yesibambiso esuka kwiSuperSport United, wabe eseqedela ukufuduka kwakhe eya eNaturena manje ngoJulayi.

Lo mdlali, oneminyaka engu-24, usayine inkontileka ende ezomgcina kuleli qembu kuze kube nguJuni 2027, futhi uzogqoka ijezi elingunombolo 24.

UMsimango yena usuka kwaTS Galaxy kanti ungumdlali osezingeni eliphezulu okwazi ukwenza kahle njengomdlali wasemuva noma umdlali wasesiswini.

Lo mdlali, oneminyaka engu-26, udabuka eBrakpan, kanti uzibophezele ngenkontileka yeminyaka emine neChiefs futhi uzogqoka ijezi elingunombolo 25.

UMdantsane usuka kwiCape Town City. Nokho uphuma esikhungweni esihlonishwayo sokuthuthukisa abadlali seChiefs.

Useneminyaka engu-29 ubudala kanti inombolo yejezi lakhe izoba ngu 3, obugqokwa u-Erick Mathoho phambilini.

UCastillo yena usuka eVenezuela kanti usayine inkontileka yeminyaka emibili, nombandela wokwelula ngomunye unyaka. 

Lo mdlali waseSouth America kulindeleke ukuthi afike eNingizimu Afrika maduze nje. 

FUNDA NALA: Ubeyinyama uSiyabonga Ngezana, efunwa amabili aphesheya

UMmodi, ongumdlali ohlaselayo odlala kuzo zombili izimpiko, usayine iminyaka emithathu. 

Lo mdlali oneminyaka engu-30 futhi odabuka eTheunissen, eFree State, uzogqoka unombolo 7.