Ubeyinyama uSiyabonga Ngezana, efunwa amabili aphesheya
Sbongs Gumbi
USiyabonga Ngezana usedalule imininingwane emangazayo ngokusuka kwakhe kuKaizer Chiefs eya kwiFCSB yaseRomania, uvumile ukuthi lokhu kwenzeke engakulindele.
Lo mdlali wasemuva obedlala kwiChiefs uthi uzithole esethubeni elihle la kumele akhethe khona phakathi kwamaqembu amabili abebeka into ehalisayo etafuleni.
Womabili lamaqembu abefuna uSiyabonga Ngezana ngawase-Europe kodwa ugcine eqoke iFCSB njengoba esesekhempini yayo kumanje.
Njengoba leli qembu lilungiselela isizini ezayo, uSiyabonga Ngezana useqalile ukuzilolonga nozakwabo abasha eNetherlands la bekhempe khona.
Ukumenyezelwa kokushiya kukaNgezana kwiChiefs eya kwiFCSB kwamangaza abalandeli abaningi bakuleli njengoba kwakungalindelekile.
Naye lo mdlali uyavuma ukuthi lolu shinsho lwenzeke ngokushesha abengakulindele futhi okwamthusa kwayena.
Kodwa-ke, uzwakalise injabulo ngesinqumo sakhe futhi waveza okwenzeka ngesikhathi ezwa ukuthi ufunwa eRomania.
“Kwangimangaza, kodwa ngajabula. Ngazisa umndeni wami ngokushesha ukuthi nakhu kuvela iqembu laseRomania elithi linyangifuna,” kusho uSiya Ngezana engxoxweni abe nayo nezintatheli zaseRomania.
Nengoba ebefuna ukuthatha isinqumo esifanele, uthi babe sebeqala ucwaningo ngomlando we-FCSB nokuthi iyiqembu elinjani.
Ngemuva kokwenza konke okusemandleni abo, uNgezana uxoxisane nemeneja yakhe, wagcina elamukele leli thuba.
“Sihlole wonke umlando weqembu kuqala, ngabe sengixoxa nemenenja yami ngathi, ‘Yebo, ngingaliyekelani leli thuba?’.”
Uphinde waveza ukuthi kubo lobo bumnyama, bekunelinye iqembu, iSheriff Tiraspol yaseMoldova ebelimfuna.
Yize nobekubekwa yiSheriff bekuheha, yena nethimba lakhe banquma ukuthi akaye kwiFCSB, nathi yisinqumo angazisoli ngaso.
“Bekukhona neSheriff kodwa sagcina sesisayine neFC Steaua Buceresti futhi lesi yisinqumo esingcono kakhulu kimi,” kuchaza uSiyabonga Ngezana.
FUNDA NALA: Iminwe ikhomba kuDanny Jordaan ngehlazo leBanyana Banyana
Lo mdlali oneminyaka engu-25 ubudala uphuma esikhungweni sokuthuthukisa amakhono kwiChiefs kanti kungokokuqala ukuthi asuke kuleli qembu laseNaturena.