ISundowns seyimtholile uMaseko, ivala ngemfuna kwiRoyal AM
Njabulo Shezi
IMamelodi Sundowns isigcine imtholile uThapelo Maseko obegijima kwiSuperSport United kanti manje seyibheke ukuthola owokugcina kwiRoyal AM.
Kuvela ukuthi leli qembu laseChloorkop lithi selishoda ngalo mdlali elimfuna kwiRoyal ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
Impempe ithole ngomthombo wayo ukuthi leli qembu seliziqalile izingxoxo neRoyal AM njengoba ifuna ukudayiselwa uShauna Mogaila.
Lo mdlali odle ngejubane ungomunye wabadlali abahlonzwe ngumqeqeshi uRulani Mokwena nafuna ukuqinisa ngabo.
ISundowns, evele ibophele abadlali abasezingeni eliphezulu, seyivele yengeze abadlali abane njengoba seyifuna owesihlanu kwiRoyal AM.
“Impela iSundowns iyamfuna uMogaila futhi kuyaxoxwa phakathi kwayo neRoyal AM. Okwamanje angazi sezikuliphi izinga izingxoxo,” kusho umthombo.
“Kodwa khona ngeke ngithuke uma emenyezelwa maduze ngoba ifisa ukuhamba naye njengoba iya ekhempini nje.”
ISundowns izoya ekhempini yayo yesibili yokulungiselela isizini eNetherlands la izodlala khona nnemidlalo yokuzwana amandla neNEC Breda.
Nayo kulindeleke idedele uCassius Mailula ofunwa yiToronto FC edlala kwiMajor League Soccer e-USA.
Khonamanjalo, njengoba sike sabika ngaphambilini, uMaseko, oneminyaka engu-20 ujoyine iSundowns ehlule amaqembu amakhulu aseBelgium abemfuna nawo.
UMaseko ushaye amagoli amane emidlalweni engu-24 ngesizini edlule kanti ubizwe okokuqala kwiBafana Bafana ngaphambi komdlalo wokuhlungela i-Africa Cup of Nations neMorocco.
FUNDA NALA: UGiven Msimango uveza ubuhle bokwamukelwa kahle kwiChiefs
Lo mdlali ogijima kwesokunxele ogijima kwesokunxele ujoyine inkulisa yaMatsatsantsa a Pitori esuka eqenjini lezimfundamakhwela iVaal Juventus yaseSebokeng ngo-2018.
Abanye abadlali abaqavile abasayiniswe yiSundowns kubalwa uJunior Mendieta, Lesiba Nku noLucas Ribeiro.