EzakamuvaIbhola

UDesree Ellis uzakhela isigcwagcwa ngokuziba uDlamini kwiBanyana

Sihle Ngubo

Usenuka iqaqa nomzondo umqeqeshi weBanyana Banyana uDesree Ellis ngemuva kokuthi iqembu lakuleli libambane ngo 2-2 ne-Argentina ngoLwesihlanu.

Kulo mdlalo weNdebe yoMhlaba iBanyana ibihamba phambili ngo 2-0 sekusele imizuzu engu-17 kodwa yadedela amagoli amabili ngokushesha ahamba kanjalo amaphuzu amabili.

Amagoli eBanyana ashaywe oLinda Mothlalo ngomzuzu ka-30 noThembi Kgatlana ngomzuzu ka-66. 

Nasemdlalweni wokuqala iBanyana yayihamba phambili ngo 1-0 kodwa iSweden yashaya amagoli amabili ngokushesha yagcina idliwe ngo 2-1.

Okucika abalandeli kakhulu ukuthi iBanyana idedela amagoli kalula nje inonozinti wayo wokuqina u-Andile Dlamini akafakwa esikimini. 

Impempe ike yabhala ukuthi uDesree Ellis uyalelwe ukuthi angamdlalisi uDlamini nokuyinto okuthiwa ishiwo ngumengameli weSafa uDanny Jordaan.

Konke lokhu kulenzela phansi iqembu eliwashayayo amagoli kodwa lenzelwe phansi ngunozinti. 

Kuvela ukuthi ngaphambi kwalo mdlalo we-Argentina, abadlali bahlale phansi noDesree Ellis bemcela ukuthi aqale ngoDlamini, kodwa wenqaba, wathi uyalelwe uJordaan ukuthi engamdlalisi.

Ngemuva komdlalo abadlali beBanyana bakhihle esikaNandi futhi abanye babonakele ukuthi bebecikekile.

Ezinkundleni zokuxhumana abalandeli bebediniwe belibeka ngembaba elokuthi uDesree Ellis uyena owenzela phansi iqembu ngokungamdlalisi uDlamini. 

Lo nozinti ayaziwa amava akhe futhi uyena obelokhu esezintini ngesikhathi iBanyana iwina iWomen’s Africa Cup of Nations yaphinde yazibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eqhubekayo eNew Zealand nase-Australia.

Emdlalweni wokugcina wamaqoqo iBanyana izobhekana ne-Italy. Inalo ithuba lokudlulela esigabeni esilandelayo uma ingawuwina lo mdlalo. 

Sekuhlalukile ukuthi iBanyana awayethusi amaqembu aseqoqweni layo kodwa kumele iyeke ukuvuza emuva. 

FUNDA NALA: Luvuke kabusha uthando lukaThabo Cele kwiChiefs

Akwaziwake noma uDesree Ellis uzoqhubeka yini nokuhlalisa uDlamini ebhentshini uma sebebhekene ne-Italy.