U-Eric Tinkler uncoma uManyama ngokungaphoqi isimo
Sbongs Gumbi
Usishayele ihlombe u-Eric Tinkler isinqumo sikaLebogang Manyama sokuthatha umhlalaphansi ebholeni yize ebengakafiki eminyakeni yalokho.
UManyama, oneminyaka engu-32, umemezele ukuthi useyaliyela ibhola njengoba enokulimala okungavumi ukwelapheka.
Lokhu kulimala uthi noma kungelapheka, kodwa kuzohlezi kumhlupha ngakho usevele wabona ukuthi okungcono wukuthi avele ashiye phansi.
Kuphele isizini yonke edlule lo mdlali engenalo iqembu kulandela ukudedelwa kwakhe kwiKaizer Chiefs.
U-Eric Tinkler, ongumqeqeshi weCape Town City la uManyama ake wazicija khona ngoba esafuna ukubuyela ebholeni, uthi yena wakuphoqa ukudlala, futhi imithelela yalokho isamhlupha namanje.
“Ngiyamzwela ngoba ngike ngasebenza noLebo ngakubona ukujula kokulimala kwakhe,” kusho lo mqeqeshi.
“Ngibonile ukuthi bekunzima kangakanani kuyena ezama ukukwelapha ukuze abuyele enkundleni.
UTinkler uthi uyazi bekunzima kanjani ukuphuma nalesi sinqumo sokuliyeka ibhola kwazise yiyona kuphela into ayaziyo naziphilisa ngayo.
“Kuhlezi kunzima uma ungumdlali ukuyeka ukudlala. Nakimi kwaba nzima. Ngalimala kanzima udokotela weza kimina wathi, ‘mhlawumbe sekumele uyeke ukudlala’.
“Nokho ngaphoqa ukuthi angelaphe ukuze ngiqhubeke. Ngadlala eminye iminyaka emihlanu ukusuka lapho.
“Kodwa kwangilimaza kakhulu ngoba kumanje ngiphila nobuhlungu bedolo neqolo obungapheli.
“Kuba yisinqumo esinzima ukusithatha ngenxa yothando lwalo mdlalo. Ngiyayiqonda indlela okufanele ukuthi ubezizwa ngayo.
“Kodwa ngicabanga ukuthi wenze isinqumo esifanele,” kuchaza u-Eric Tinkler. UManyama ungomunye wabadlali bokuqala abagqamisa iCity.
Wafika kuyo esuka kwiukumela kwiBlack Aces ngesikhathi uJohn Comitis ethenga isitifiketi sayo ngo-2016.
Waqokwa waba ngukaputeni futhi waqeda isizini engumdlali ovelele kwiPSL ngaleyo sizini, waheha amaqembu aphesheya.
FUNDA NALA: Umdlali omusha weChiefs ukitaze uMolefi Ntseki edlala kahle
Wabe esefudukela e-Europe, lapho ahlala khona isizini eyoqa eqenjini laseTurkey iSuper Lig, iKonyaspor.
Ube esebuyela eNingizimu Afrika wajoyina izinkunzi zaseSoweto iChiefs.