Okuhle nokubi okubonwe uNtseki kowokuqala weChiefs
Sbongs Gumbi
UMolefi Ntseki, umqeqeshi weKaizer Chiefs obhekwe ngabomvu, uthi uphume eselibuka ngelinye iso iqembu lakhe ngemuva komdlalo wekuqala weDStv Premiership.
IChiefs ibambane ngo 0-0 neChippa United emdlalweni weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngeSonto ntambama.
Njengoba bekuwumdlalo wakhe wokuqala, bekubhekwe ngabomvu ukubona ukuthi uMolefi Ntseki uza nani kuleli qembu elinengcindezi yokuqeda indlala yezindebe.
Phela ibheke eshumini manje iminyaka iChiefs yagcina ukuqukula indebe ngakho lo mqeqeshi uyazi ubhekwe ukuba aphebeze leli hlazo.
“Kube yimizuzu engu-90 kungekho magoli,” usho kanje uMolefi Ntseki ngemuva komdlalo ekhuluma nabethelevishini.
“Siphoxekile ngalokho. Kodwa njengoba singangenelwanga goli nje, ngeke sibasole abadlali ngoba bazamile.
“Kodwa ngokokusebenzisa amacebo ethu okudlala ngendlela efanele, singenza kangcono kakhulu kunalokhu kwanamuhla.”
IChiefs beyibukeka iphelelwa amacebo uma seyibheke emapalini eChippa la udonga lwakhona lwasemuva beluchitha kwasani eyizamayo.
UNtseki uthi yikho lokhu okumeneze ukuba abanxenxe abadlali bakhe ngesikhathi sekhefu ukuthi bake bazame nokukhahlela bekude.
Nokho abawatholanga kwawona amathuba okwenza lokho njengoba iChippa ibingabanike thuba futhi kubukeka kuyiyo engase idale umonakalo.
“Sikhulumile ngakho ngesikhathi sekhefu, sathi ake kuzanywe ukuthi sikhahlele ipali kaningana.
“Lokhu besikusho ngoba sibona ukuthi uma sizama ukubavula ngokudlala amaphasi amancane sisondela kubo bayasivimba. Yinto okuzomele siyilungise.”
FUNDA NALA: UMorgan Mammila uxwayise abalandelayo ebamba iChiefs
Kuzomele yenze kangcono ke iChiefs emdlalweni olandelayo njengoba ibheke kwiMamelodi Sundowns ngoLwesithathu emini.
Lo mdlalo oseLucas Moripe Stadium usuvele ubhekwe ngabomvu ukubona ukuthi iSundowns ingakuphinda yini eyakwenza ngesizini edlule.