EzakamuvaIbhola

UMorgan Mammila uxwayise abalandelayo ebamba iChiefs

Sbongs Gumbi

Uchazekile uMorgan Mammila ezakhe iChippa United zibambana neKaizer Chiefs ngo 0-0 emdlalweni wookuqala weDStv Premiership ngeSonto. 

Lo mqeqeshi uxwayise amaqembu alandelayo ukuthi agade engazitholi esethole isibhaxu esinzima kuleli qembu lakhe. 

Bekumfanele ke nokho lokho kwazise leli qembu lakhe lidlale kahle kakhulu kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium. 

“Yithi ebesiphethe umdlalo. IChiefs ngize ngayibona emizuzwini eyishumi yokugcina yomdlalo,” kusho uMorgan Mammila. 

“Ngijabule ngendlela esidlale ngayo futhi uma singaqhubeka ngayo kuyo yonke imidlalo, kukhona iqembu elizozithola selishayeke kanzima.”

UMorgan Mammila uncome nomdlali wasesiswini uGoodman Mosele oqokwe njengobevelele kulo mdlalo. 

UMosele ufike kwiChippa ekuqaleni kweviki esuka kwi-Orlando Pirates embolekise kuleli qembu lase-Eastern Cape. 

“UMosele ngimazi kudala. Ngiyamazi la emuhle khona ngakho ngimhlalise phansi ngamtshela ukuthi sifuna ukudlala kanjani. 

“Ngimtshelile engikubheke kuye kule ndlela yethu yokudlala futhi ukwenzile kulo mdlalo,” kusho uMorgan Mammila. 

Bake basebenza ndawonye kwiBarok FC ngesikhathi uMammila eseyisikhulu esiphezulu kuleli qembu laseLimpopo. 

Lo mdlalo udlalwe phambi kwabalandeli abebephume ngobuningi futhi ubanikile abebekulindele yize bezophoxeka ukuthi ababonanga goli. 

Womabili lamaqembu azojabula ngokuphuma nephuzu kwazise bekuwumdlalo wokuqala esazama ukuzibona ukuthi akuliphi izinga. 

Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi weChiefs, uMolefi Ntseki, uthe akakhali kakhulu ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo futhi uyakubona okumele bakulungise. 

Mhlawumbe ukungadlali ngendlela egculisayo kweChiefs kungenxa yokuthi bekungumdlalo wokuqala wesizini futhi kukhona nabadlali abasha. 

FUNDA NALA: AmaZulu acathamela isibabuli somgadli weSundowns

Kubadlali abayisishiyagalombili abasha, uNtseki uqale ngabane: oGiven Msimango, Thatayaone Dithlokwe, Edson Castillo, noRanga Chivaviro.