UWebber uveza abakutshelwe unompempe ngegoli lezimanga
Sbongs Gumbi
Uvele wabatshela ukuthi abaphume kuye unompempe abadlali beSekhukhune uma beyombuza ngegoli elisuse umsindo bebhekene neMoroka Swallows.
Igoli elingeke ngomzuzu ka-94, nokuyilo iSwallows enqobe ngalo umdlalo weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu lishiye abantu bengawuvali umlomo.
Bekuyibhola ebeligotshwe ngakwesokudla ngumdlali weSwallows. Bekubukeka ezolinqaka kalula unozinti weSekhukhune uBadra Sangare.
Kodwa uthe esalinqaka, waphazanyiswa uGabadinho Mhango ogxumele kuye, wamchilizela ngaphakathi epalini lakhe.
Unompempe ube eselibiza emlotheni kwaba iwadla kanjalo ke amaphuzu amathathu okokuqala kule sizini iSwallows.
“Kube yisinqumo esishaqisa kakhulu lesi,” kusho umdlali weSekhukhune uJamie Webber oqokwe njengobevelele kulo mdlalo.
“Kuthe uma simbuza ngalesi sinqumo wathi akunancazelo azosinika yona ngesinqumo sakhe.”
Nomqeqeshi weSekhukhune, uBrandon Truter kusale kancane athuke nenhlamba ngendlela abecikeke ngayo.
“Kubone wonke ukuthi ukuthi umdudulile unozinti kodwa unompempe walibiza emlotheni ibhola,” kusho uTruter.
“Kuseva kakhulu ukuthi kungenzeka amaphutha afana nalawa konompempe. Akumele sikuvumele kwenzeke lokhu.
“Kuyawabulala amaqembu, ikakhulukazi abaqeqeshi. Bavumelane bobathathu (unompempe nabasizi bakhe).
“Ngisho uSteve (Komphela oqeqesha iSwallows) uvumile ukuthi ubonile bemdudula unozinti wami,” kucacisa uTruter.
Ekupheleni komdlalo kube nesixakaxaka ibhentshi leSekhukune lifuna izimpendulo kunompempe.
UTruter uzihlanguliile yena, wathi akazange ayingene leyo. “Angizange ngiyingene.
“Abangakithi bebemtshela ukuthi ududuliwe unozinti kwagcina sekuphakama imimoya.
“Bekungenxa yesinqumo sabo esisiphuce amaphuzu thina.” ISekhukhune izobuyela enkundleni emidlalweni yeligi ngoLweisthathu.
FUNDA NALA: UMorgan Mammila usiza insizwa ecele ukushadwa koweChippa
Izogadulisana neCape Town City ekuhambeni eKapa emdlalweni okufanele ube muhle kwazise womabili lamaqembu anabadlali abahle kakhulu.