EzakamuvaIbhola

Isililo kuMotaung kushona isikhulu esenza kwaba neKaizer Chiefs

Njabulo Shezi

Usihlalo weKaizer Chiefs usedlulisele amazwi enduduzo emndenini wesikhulu seqembu lase-US esamnika ithuba lokudlala phesheya ngezikhathi zengcindezelo kuleli. 

Lesi sikhulu, uDick Cecil, sasingumengameli we-Atlanta Chiefs ngesikhathi sinika uMotaung ithuba lokudlala kuleli qembu. 

Ekubuyeni kwakhe uMotaung wasungula iqembu lakhe iKaizer Chiefs, ethathisela egameni laleli qembu ayekade edlala kulo e-US. 

“IKaizer Chiefs igebisa ikhanda ukuhlonipha uDick Cecil owayengumengameli we-Atlanta Chiefs eyasayina usihlalo wethu uDkt Kaizer Motaung ukuthi ayodlala kwiNorth American Soccer League ngo-1968,” libhale kanje esitatimendeni leli qembu.

Kulesi sitatimende kucashunwe noMotaung eveza imizwa yakhe ngoCecil athi ubemhlonipha kakhulu. 

“Dick Cecil wanginika ithuba lokudlala ibhola elikhokhelayo nabadlali abaphuma emazweni ehlukene emhlabeni jikelele,” kusho uMotaung.

“Namanje ngisazizwa ngingokhethekile ngokuthi ngangiyingxenye yeqembu lokuqala lase-Atlanta elanqoba isicoco ngo-1968. 

FUNDA NALA: UKhumalo usola ukumonelana ngokungathuthuki kwabadlali kuleli

“Bengimhlonipha kakhulu. Ubeyindoda enobubele. I-Atlanta Chiefs iyona eyisizathu sokuthi kube neKaizer Chiefs namuhla eNingizimu Afrika.”