Usefunwa elaseSaudi Arabia uPercy Tau, uDowns ayikhohlwe
Sbongs Gumbi
UPercy Tau ngeke ashiye kwi-Al Ahly okwamanje. Mhlawumbe lokho kungenzeka ngesizini ezayo uma sekuphele inkontileka yakhe.
Bekuke kwavela imibiko ethi iMamelodi Sundowns isemizamweni yokumbuyisa uPercy Tau azodlala kuyo.
Kodwa Impempe seyingakuveza ukuthi i-Al Ahly ivele yayifaka kwi-voicemail iSundowns, ayangafuna nokwazi ukuthi beyizothini.
Kuthiwa lo mgadli weBafana Bafana usezinhlelweni zomqeqeshi futhi akafuni kuzwa lutho nje ngendaba yokuthi engashiya.
Umthombo weMpempe ole kwelikaFaro uveze ukuthi iqembu ebelingamthola uPercy Tau elaseSaudi Arabia okuthiwa belisha amashushu.
Nokho lizithole lihamba ekamabuyaze njengoba liphindebe emuva nenduku yombangandlala.
“Kodwa nalo lichithiwe yize lifike nemali enhle impela,” kusho lo mthombo ngoLwesine kusihlwa.
“Ngike ngezwa nje ukuthi iSundowns izidlisa satshanyana kodwa beyazi kahle ukuthi ngeke imthole ngoba nayo inqabe kaningi ukudayisela i-Al Ahly abadlali ebibafuna kuyo.
“Ngaphezu kwalokho, lamaqembu ayizimbangi ezinkulu kwi(Caf) Champions League futhi akuselula adayiselane abadlali,” kuchaza lo mthombo.
Uveze ukuthi awukaze uzwe lutho nge-Orlando Pirates nayo eke yabalwa emaqenjini agaqele uTau.
“Noma ngabe ivelile, ibizochithwa ikakhulukazi njengoba iya kwiChampions League nje nayo. Ngeke i-Al Ahly idayisele iqembu engase iphinde idlale nalo.
“Ichithe i-Al-Shabab (yaseSaudi Arabia) ebifike nemali enhle ithi izomthenga. Ngiyezwa kuthiwa uma kufika elase-Europe mhlawumbe bengamdedela.
“Kodwa angiboni kwalokho kwenzeka ngoba uPercy Tau uthandwa kakhulu njengamanje futhi naye ubukeka esajabule eqenjini.”
Nokho lo mthombo uthe njenngoba izingxoxo zisaqhubeka nje, kungenzeka igcine ilugobile i-Al Ahly iuphondo bese imdedela.
FUNDA NALA: Ukubuya kukaThulani Serero kungayivuselela iSpurs
Eminye imibiko ithi naye uTau engajabula ukuyodlala eSaudi Arabia njengoba iligi yakhona ingundabuzekwayo kulezi zinsuku futhi amaqembu ayo esayina abadlali abasezingeni eliphezulu.