EzakamuvaIbhola

I-Arrows isayine abathathu, kukhona nobekwiPirates

Zolani Msobo

Usesayinile kwiLamontville Golden Arrows uTebogo Tlolane obesemabhukwini e-Orlando Pirates ngesizini edlule. 

Yize ebengumdlali wePirates, uThlolane ubebolekiswe kwiMaritzburg United egcine idliwe yizembe.

Lo mdlali, oteketiswa ngelikaMessi futhi oneminyaka engu-28 uke waziqeqesha naMaZulu FC. Kodwa agcine engamsayinanga. 

Kwi-Arrows ugixabezwe inkontileka yeminyaka emithathu ngemuva kokwehlukana kwakhe neZimnyama ngokugcwele. 

UThlolane useke wagijima nakwiChippa United, Jomo Cosmos nePirates phambilini kanti ungumdlali wesithathu ukujoyina Abafana Bes’thende ephuma kwiTeam of Choice. 

Ulandele oBradley Gross noBrandon Theron nabo asebegijima kuleli qembu laseThekwini. 

I-Arrows iphinde yamemezela nabanye abadlali ababili ngaphezu kukaMessi ngoLwesihlanu. Yethule noGbagbo Magbi no-Olufemi Kayode.

UMagbi, odabuka e-Ivory Coast ungumgadli onamava njengoba eseke wadlala kwiAl Ahly Shendi, Wydad Athletic neJeddah FC. 

Uyakwazi nokudlala ophikweni lwesikudla. UKayide yena uzoqinisa konozinti kulei qembu. 

Khonamanjalo i-Arrows izobe ibheke ukuqokelela amaphuzu agcwele okwesibili kule sizini uma seyibhekene nePolokwane City. 

Lamaqembu azogadulisana emdlalweni weDStv Premiership eMpumalangs Stadium, eHammarsdale ngoMgqibelo ngo-3 ntambama. 

FUNDA NALA: UMaswanganyi uchaze uJose Riveiro waze ‘waphahluka’

Emidlalweni emithathu abasayidlalile, Abafana Bes’thende bahlulwe kowodwa, banqoba owodwa babe sebenqoba owodwa.