EzakamuvaIbhola

UMnisi uthembe ‘induku’ eyimfihlo azobuyiba ngayo iMarumo

Alfred Ngubane

USinky “Twalaza” Mnisi, osanda kuqashwa njengesikhulu esiphezulu yiMarumo Gallants, uthi nakanjani ekupheleni kwesizini leli qembu libuyela kwiDStv Premiership. 

IGallants idliwe yizembe kwiPremiership ngesizini edlule kanti sedlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

UMnisi uthi iGallants izovakasha kulesi sigaba ngoba uzoqinisekisa ukuthi ibuyela kwenkulu. 

“Mina ngithembele ezindukwini zami, amadlozi noMdali wami,” usho kanje uMnisi ekhuluma neMpempe muva nje. 

“Angisho ngalokho ukuthi lawa amanye amaqembu ngiyawadelela. Mina ngizosebenza nabadlali nomqeqeshi. 

“Nginekhono lokwenza wonke umuntu awenze ngokuzikhandla umsebenzi wakhe eqenjini. 

“Kodwa ke kukhona izinto engingeke ngikutshele zona lapha ebholeni  lakuleli ezenzeka kule ligi yeChampionship.

“Ngifice abadlali abayishumi nesithupha bekhona ngaphinda ngasayina abanye abadlali.” 

USinky Mnisi unomlando omude wokusiza amaqembu akhuphukele kwiligi enkulu kanti uhlale echoma ngokuthi ‘unesikhwama’ sakhe esimsizayo kulokhu. 

Kumaqembu aseke wawenyusela esigabeni esiphezulu singabala iTembisa  Classic, Royam AM neHighlands Park.

Nokho ke njengawo wonke amasoka, naye unazo ezakhe izici. Akavamisile ukuhamba eqenjini kusekuhle. 

Kuthiwa unomkhuba wokugcina esefuna ukuthathela nabanikazi beqembu izinqumo, engabe esabuzisa kubo. 

FUNDA NALA: AmaZulu ayafana nomuntu okha amanzi ngebhakede elivuzayo

Kwenzeke esifanayo kwiRoyal AM la ehambe khona isinyelela ngemuva kokuhlaba ‘ikhefu’ lokuphumuza ingqondo.