EzakamuvaiDStv Premiership

Usihlalo weSpurs uphawula ngekusasa likaShaun Bartlett 

Alfred Ngubane

Ukube uqeqesha iChippa United uShaun Bartlett ngabe selikhalile izembe njengoba imiphumela imphika selokhu kuqale isizini. 

Kodwa ngoba uqeqesha iCape Town Spurs enosihlayo ongatatazeliswa yimiphumela, ubukeka usaphephile umsebenzi kaShaun Bartlett. 

Usihlalo weSpurs u-Ari Efstathio uthi uqonda isimo seqembu, umqeqeshi wakhe nabadlali. 

“Ngeke mina ngimgudluze uShaun Bartlett njengamanje,” kusho u-Efstathio engxoxweni neMpempe ngoLwesine ekuseni. 

“Uma sekufike isikhathi ngomgudluza bese ngithola omunye umqeqeshi, kdowa okwamanje asikafiki leso sikhathi.”

Lokhu akusho nokho ukuthi u-Efstathio akasiboni ukuthi isimo sibi njengoba iqembu lisahlulwe kuyo yonke imidlalo yeDStv Premiership. 

“Khona ngeke phela ngiqambe amanga, angeneme ngemiphumela kuze kube manje. 

“Kodwa ngeke okwamanje ngigxeke umqeqeshi. Umqeqeshi akadlali, kumele kugxekwe bona abadlali.”

Nokho uma izinto zingajiki, uBartlett engazithola engasenakho lokhu kwesekwa anakho njengamanje. 

“Kunemidlalo esengimbekele yona umqeqeshi ukuthi kumele nakanjani ayinqobe,” kusho lesi sikhulu. 

Okwamanje basabheke kakhulu ukuqinisa iqembu lapho bebona sengathi libuthaka khona. 

“Kukhona abadlali abathathu abajima neqembu esibabhekayo njengamanje. 

“Kuzomele siphume kule ndayo esikuyo ngoba ayikho mnandi, akukho mnandi ukudlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

“Akubuyeki kalula kulesiya sigaba, maningi amaqembu aziwayo agciina engabuyanga aze ashabalala.” 

ISpurs isemsileni kwilogi njengamanje kodwa ke uShaun Bartlett uzoba namaviki amabili okulungisa la kubheda khona. 

FUNDA NALA: Bawatamuza ngathi kunendali yamagoli kweyePremiership

Emdlalweni emihlanu ayikanqobi nowodwa kanti isashaye amagoli amabili, yangenelwa angu-10. Kolandelayo izobhekana ne-Orlando Pirates evutha ingabaselwe.