EzakamuvaIbhola

Kuphelile ukuntunta nendishi kuSamir Nukovic

Alfred Ngubane

USamir Norkovic usethushuke kwiTS Galaxy ngemuva kwesikhashana entunta nendishi kulandela ukuxoshwa kwiRoyal AM ngesizini edule. 

Lo mgadli odabuika eSerbia waduma kakhulu ngesikhathi efika kuleli, edlala kwiKaizer Chiefs la ayehlohla khaona amagoli. 

Wafiak kuleli elethwe u-Ernst Middendorp, owayengumqeqeshi kwiChiefs ngaleso sikhathi. 

Uhlale amasizini amabili eNaturena, wabe esekhonjwa indlela. Kulapho ke abe esesayina kwiRoyal AM iminyaka emibili, kodwa waxoshwa kusaphele isinyanga ezintathu. 

Kumanje udaba lokuxoshwa lwakhe lusesezithebeni njengoba iFifa yayalela iRoyal AM ukuthi imhlawule ngokumkhokhela yonke imali abezoyihola. 

Seyiyonke le mali yagcina ibalelwa ngaphezu ku-R12-million. Nokho iRoyal AM isagoloza ukuyikhokha le mali, ithi isazolulwa udaba lwakhe. 

Ngemuva kokuxoshwa kwaMaMkhize, uSamir Nurkovic uke wazama inhlanhla kwiCape Town City, kodwa nayo yajika umqondo ekugcineni. 

Yilapho kwabe sekuvela izinsolo zokuthi ukulimala kwakhe –  ayesuke nakho kwiChiefs – akuselapheki nhlobo. Kodwa ke imenenja yakhe yazichitha lezo zinsolo. 

Uke wathi qu nakwiRaja Casablanca eziqeqeshwa uJosef Zinnbauer omazela kuleli lo mgadli, kodwa nakhona akwangalunga. 

Nokho ke ukuntunta kwakhe umsebenzi sekufike ekugcineni njengoba iTS Galaxy isimsayinile. 

Kuzohlangana imihlathi eyazanayo ke kuSamir Nurkovic noBernard Parker abake badlala bonke kwiChiefs phambilini.

Omunye angase asheshe azwane naye kwiGalaxy uSamir Nurkovic ngumqeqeshi uSead Ramovic naye ongookudabuka eSerbia yize esenobuzwe baseGermany manje. 

Umengameli weTS Galaxy, uTim Sukazi uthe lo mgadli usayinelwe ukubalamulela endlaleni yamagoli. 

FUNDA NALA: UBroos ukhala ngokubhecwa ngobende ngakusho ngeChiefs

Uthe bayakuqonda ukuthi ubelimele, wathi bayazi ukuthi useluleme ngokugcwele futhi uzoba wusizo olukhulu kubo.