EzakamuvaIbhola

IChiefs nohlelo lokufundisa abalandeli bayo ukuziphatha

Sihle Ngubo

Abalandeli beKaizer Chiefs bazohanjelwa emagatsheni abo ngokwehlukana ukufundiswa ukuziphatha ezinkundleni zikanobhutshuzwayo.

Lokhu kulandela ukuhlawuliswa kwaleli qembu kulandela ukuthi abalandeli balo bajikijela uMolefi Ntseki ngemuva komdlalo waleli qembu neTS Galaxy muva nje. 

Kulo mdlalo iChiefs yashaywa ngo 1-0 eMbombela Stadium, eNelspruit, abalandeli bavukwa amadlingozi qede basho ukumqeda umqeqeshi. 

IChiefs ibe isivela phambi kwekomiti eliqondisa ubugwegwe ngoLwesibili ngeledlule lapho ifike yalivuma icala. 

Ihlawuliswe u-R100 000 kwase kulengiswa u-R30 000. Iphinde yayalelwa ukuthi ibhalele iPSL nabaxhasi incwadi yesixoliso.

Iyibhalile incwadi yesixoliso iChiefs lapho inxuse abalandeli ukuthi baziphathe kangcono ezinkundleni.

“Siyaxolisa kwiPSL, yiTS Galaxy nakubaxhasi beligi. Lokhu okwenzekile akukuhle futhi kuyinto engenasidingo,” kusho ingxenye yesitatimende seChiefs.

“Sizohambela amagatsha ethu ukuze sixoxe nabalandeli bethu ngalokhu. Kumele sifunde ukuzibamba nokuziphatha.”

Abalandeli kumele bazi ukuthi basuke befaka iqembu enkingeni uma bejikijela enkundleni. 

Akukona okokuqala iChiefs inxusa abalandeli ukuthi bangayiqhathi nePSL ngokuthatha ngokushukela uma iqembu lingenzi kahle emidlalweni.

Ngemuva komdlalo weTS Galaxy iChiefs izamile ukubuyisa isithunzi ngokushaya AmaZulu FC ngo 3-0, yaphinde yashaya iStellenbosch FC ngo 2-0. 

Emdlalweni wakamuva, ibambane neMamelodi Sundowns ngo 1-1 koweMTN8 eFNB Stadium. 

Isasekhefini ke njengoba kuyiwindi lemidlalo yeFifa leli, kanti isiyoze ibuyele enkundleni ngoSeptember 16 seyiyobhekana neRoyal AM. 

FUNDA NALA: Acishe athenga ingulube isesakeni AmaZulu

Lamaqembu azogadulisana eFNB Stadium emdlalweni weDStv Premiership okubhekwe ukuthi ube mnandi kwazise lamaqembu ahlezi ehalelana.