UPitso ucikwa umacashelana weSundowns ngoGaston Sirino
Sbongs Gumbi
Imibiko ematanisa umdlali ongasathandi ukuba kwiMamelodi Sundowns, uGaston Sirino neqembu elidlala kwi-UAE Pro League, i-Al Wahda ‘ingamanga’.
Lokhu kuvezwe ngumqeqeshi we-Al Wahda uPitso Mosimane othe lokhu kumataniswa kwakhe nalo mdlali kuyamcika.
Mhlawumbe ucikwa wukuthi wake wazama ukumlanda uSirino ngesikhathi esakwi-Al Ahly yase-Egypt kodwa ayangaphumelela imizamo yakhe.
Ngaleso sikhathi iSundowns yala yaphetha, yathi yona ayidayiselani naleli qembu kwazise liyizimbangi zalo ezinkulu kwiCaf Champions League.
UGaston Sirino kumanje akadlali kwiSundowns kulandela ukuthi ecele ukuba akhululwe uma kuvela iqembu elimfunayo.
Lokhu kuqinisekiswe ngumqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena muva nje uma ekhuluma nabezindaba.
Manje uMosimane, obekuleli ngesikhathi kwethulwa iPitso Mosimane Multipurpose Sports Court eLofentse Girls High School e-Orlando East, uphawulile ngalamahebezi.
“Angifuni ukukhuluma ngoGaston Sirino ngoba lento yakhe iyangicika kakhulu,” kusho lo mqeqeshi.
“Kunamahlebezi, kodwa ngabe iSundowns izimisele ngampela ukudayisa uSirino? Angazi ngoba iSundowns ayiyidingi imali (engayithola ngokumdayisa).
“Kuliqiniso ukuthi ngesikhathi ngikwi-Al Ahly ngangimfuna uSirino futhi sasifaka isicelo sokudayiselwa yena (kwiSundowns) futhi niyazi kwenzekani.
“Asizange sinikwe imali okumele siyikhiphe. Uma ingekho imali ebekiwe efunwayo ngomdlali, kusho ukuthi ngeke ukwazi ukumthenga.
“Wonke umdlali kunemali atholakala ngayo. UKylian Mbappe bafuna u-$200-million ngaye angithi? Kodwa uSirino yena ayikho imali ebekiwe ngaye.
“Manje uma umfuna uqalaphi ke? Angifuni ukuphinda isimo esifanayo nala ngacela khona i-Al Ahly ukuthi ingithengele uSirino saya kwiSundowns, asanganikwa inani lemali okumele siyikhiphe.
“Namanje alikho inani lemali elibekiwe ngaye ngakho ngeke sikwazi ukumthenga noma ukuxoxisana nabo ngaye.
“Ngakho ke kubi, empeleni kungamanga ukuthi i-Al Wahda ifuna uGaston Sirino,” kuchaza uMosimane okunguye owasayina lo mdlali esakwiSundowns.
Engamthenga uGaston Sirino uma esemakethe
Yize ethi okwamanje akukho abakukhulumile ngoSirino, uMosimane uthe uma kungenzeka kuvele ukuthi engatholakala, nakanjani engaxguma ahlale.
“Nakanjani, uma uSirino engaba semakethe ngingatshela abehhovisi lethu ukuthi bakhulume naye.
“Ngiyazi akadalli futhi akaphathekiile kahle, noma abasamdingi ngakho ukhishiwe eqenjini eliqala imidlalo.
“Kodwa ke ngeke mina ngisebenzise lelo thuba. Akadlali kusukela nyakenye ngakho lento akuyona into entsha.
“Le yokuthi i-Al Wahda ifuna uSirino ayiyinhle. Ngeke mina ngithi iqembu alimfune kube kungekho inani lemali elibekiwe kwabamfunayo.
“Ngisho uMbappe unalo inani elibekiwe ngaye. NoNeymar uthengiwe kwiPSG siyazi ukuthi kube malini.
“Ngabe iSundowns yona iyafuna ukudayisa? Angazi mina.” UGaston Sirino yena ubukeka engasekho ezinhlelweni zikaMokwena.
FUNDA NALA: UKhoza uchazwa uRiveiro othulayo, ‘akhulume ngezenzo’
ISundowns ithenge uLucas Riveiro noJunior Mendieta abadlala indawo efanayo naye kanti kusekhona no-Erwin Saveedra osalimele.