Iphinde yabhampa iChiefs kade iyofuna u-Ox kwiStellies
Sihle Ngubo
IKaizer Chiefs kuvela ukuthi izame ngakho konke ukuthola uSibongiseni “Ox” Mthethwa weStellenbosch FC kodwa mancane amathuba okuthi isayinise lo mdlali.
Ngokomthombo othembekile, uKaizer Motaung Junior ubeke etafuleni u-R8-million efuna lo mdlali weStellies.
Lokhu ukwenze ngoba leli qembu vele lalifune yona le mali ngoJuni/Julayi ngesikhathi iChiefs ifika okokuqala izomfuna.
Nokho kuvela ukuthi lokhu okubekwe yiChiefs etafuleni ikuchithile iStellies ngoba manje seyifuna u-R15-million ngalo mdlali waseswini.
“Esinye sezizathu esibekwe yiStellies ukuthi imizamo yeChiefs yokusayinisa u-Ox manje, sekuzovalwa iwindi lokusayinisa abadlali, ayibaniki isikhathi esikahle sokubheka umdlali ezovala ngaye isikhala,” kusho umthombo.
Njengamanje kuvela ukuthi azisekho izingxoxo eziqhubekayo kula maqembu futhi uMthethwa akazukuya eNaturena lingakavali iwindi.
Abalandeli beChiefs sebephumele obala kaningi (ezinkundleni zokuxhumana) bethi iqembu alisayinise u-Ox omuhle kakhulu esiswini.
Babona engaba wusizo kakhulu enkabeni yenkundla futhi angakhulula u-Edson Castillo ukuthi adlale ngokuthanda kwakhe.
UYusuuf Maart akenzi kahle kule ndawo selokhu kuqale isizini. UMaart wenza amaphutha futhi ibhola akaliphasi ngendlela elindeleke kumdlali onjengaye.
Njengoba iChiefs yehluleka, lo mdlali angase aphelele kwi-Orlando Pirates njengoab nayo seyiqale phansi imizamo yokumthola.
Impempe ike yabika ukuthi iPirates yona izobeka abadlali – okungase kube uKarim Kimvuidi nomunye – nemali ukulinga iStellies ngalo mdlali.
Mhlawumbe osekwenza yenyuse nemali iStellies yikho ukuthi sekukhona elinye iqembu ekhuluma nalo engxenye ngalo mdlali.
Njengoba iStellies sifuna omunye umdlali esingavala ngaye, iPirates inenqwaba yabadlala esiswini abanamava engabanika bona.
FUNDA NALA: Engakuphinda uRamoreboli akwenza kwiPirates ngeMaluti?
Kukhona uMakhehleni Makhaula noBen Motswari abangasajwayele vele ukuthola ijezi okungabolekiswa ngabo kwiStellies.