Okusha ngoNkanyiso Zungu ozama inhlanhla kuMaZulu
Njabulo Shezi
Usazoqhubeka nokufesa uNkanyiso Zungu njengoba naMaZulu FC, abezama kuwo inhlanhla, esemchithile.
Lo mdlali uzothola esehamba efongqa isigqoko nje ugajwe yi-Orlando Pirates ngenxa yokuhluleka wukuziphatha ngendlela efanele.
IPirates beyimbolekise kwiRichards Bay uNkanyiso Zungu ngesizini edlule, nakhona wafike wahlupha, waxoshwa.
Kuqale amalungiselelo esizini entsha eziqeqesha neRoyal AM okuvela ukuthi beyizimisele ukumsayina.
Nokho njengoba isamisiwe nje yiFifa ekusayineni abadlali abasha, ubone kungcono ayozama kwenye indawo kwazise newindi kokusayina abadlali liyavala ngoSepthemba 22.
Ube esebuyela kuMaZulu, okuyiqembu la aqala khona ibhola elikhokhelayo, kodwa kwafike kwangamhambela kahle.
Ngokubika kwabeFARPost, ugcine ngoLwesibili ukujima naleli qembu, watshelwa ukuthi akayozama kwenye indawo.
Nomqeqeshi woSuthu, uPablo Martin ukuqinisekisile ukuthi sebezithathile izinqumo ngabadlali abebebahlola, yize engabagagulanga ngegama.
Ngaphezu kukaNkanyiso Zungu, bekukhona uPhumlani Ntshangase nomgadli waseKenya uVincent Oburu.
“Uma sithatha isinqumo, akumina nje njengomqeqeshi kuphela, kodwa kukhona nabamele iqembu,” ucashunwe esho kanje uMartin.
“Kukhona umengameli, kube yibhodi elengamele iqembu, kube nesikhulu esiphezulu nabanye abantu abathintekayo ngezinqumo.
“Ngakwelami icala njengomqeqeshi, nethimba lami, sithatha ulwazi ngabadlali esibahlolile silunikezele kubaphathi.”
Uthe njengamanje uma bebheka umdlali, abambhekeli le sizini kuphela kodwa babuka nekusasa ngoba bafuna ukwakha inqanawe yesikhathi eside.
“Okwamanje siyasebenza, lo msebenzi ngowesikhathi eside. Sithuthukisa iqembu, sithuthukisa abadlali esinabo.
“Kuyiqiniso ke kodwa ukuthi kukhona abadlali abebejima nathi kodwa asikabasayini okwamanje.
“Sizoqhubeka nomsebenzi, sizosebenza ngabadlali esinabo. Uma kukhona ozayo, sizomamukela ngezandla ezimhlophe.
“Uzobe ezosisiza ukufeza izinhloso zethu nalokho esibekelwe khona ngokwemiphumela. Ngale kwalokho ngijabule ngalabadlali enginabo.”
FUNDA NALA: UClement Mazibuko akafisi ingane yakhe imlandele ebholeni
Kuvela ukuthi kulaba abebehlolwa nguNtshangase okwazile ukuthatha amehlo abaqeqeshi futhi sebebatshelile abaphathi ngalokho.