EzakamuvaIbhola

Usaqaqanjelwa yinhliziyo uRamaG ngokushiselwa indlu 

Umgadli wakuleli osedlale emaqenjini amaningi ehlukene, uRodney “uRamaG” Ramagalela, uthi inhliziyo yakhe ayikapholi kulandela izehlo ezimbi empilweni yakhe. 

Lezi zehlo zamqala ngo-2021 ngesikhathi edlala kwiChippa United. Washiselwa umuzi wakhe ayewakhe ngakubo eVenda. 

Namanje akukacaci ukuthi lo muzi wakhe washa kanjani, kodwa kunezinsolo zokuthi kukhona okwawushisa. 

“Ukukhuluma iqiniso nje, akukaze kwaba lula kimi. Ubuhlungu engibuzwayo abukalapheki namanje,” usho kanje uRamaG kwabe-I Love Kaizer Chiefs.

URamaG wayekade esanda kufika kwiChippa kwenzeka lokhu. Wayefike kuyo kade ebuya ekulimaleni okwaqeda ngaye kwiMamelodi Sundowns.

“Ngangikade sengihlale isikhathi eside ngilimele ngabe sengithola iqembu, ngabuyela ekudlaleni, kwavele kwasha umuzi wami. Kwaba nzima kakhulu.”

URamaG uthi uyakuthola ukwesekwa nokwelashwa ngokwengqondo futhi usengcono yize kusenzima nje ukwemukela okwenzeka kuye.  

“Ngiyazama. Ngokwesekwa abantu abathile, kodwa ubuhlungu abuvumi qobo ukwelapheka. 

“Uphila kanjani sewulahlekelwe yikho konke empilweni? Muva nje bengingcwaba ilungu lomndeni. 

“Ezinyangeni ezimbalwa ezidlule kade singcwaba omunye wasemndenini. Konke lokhu kwenzeka nje ngisanda kushelwa umuzi.” 

Uthi njengamanje welulamela ekhaya la ezijimela khona ngokwakhe ngesikhathi esalinde iqembu elimfunayo. 

Ngesizini edlule ubekwi-University of Pretoria. Ufike kuyo ngoJanuwari ngenkontileka yesikhashana ephele uma kusongwa isizini. 

“Ngisekhaya njengamanje. Ngisaziphumulele kodwa ngiyajima ukuzigcina ngisesimweni esifanele. 

“Uma kungaqhamuka iqembu elingathi liyangifuna, ngeke ngibe nankinga noma kungaba yiliphi.

“Ngiyalithanda ibhola. Angihlezi ngibeke imali phambili, kodwa ukuthi isimo sizongivumela yini ngithokozele ukudlala ibhola. 

FUNDA NALA: IChiefs ivuma eyokufisa u-OX, pho inkinga? UNtseki uyachaza

“Ngakho ngisafuna ukudlala kuze kufike isikhathi la ngibona khona ukuthi senganele,” kusho lo mgadli oneminyaka engu-34.