EzakamuvaIbhola

URiveiro uphoxwe abanike ithuba bafambula kwiBucs

Into okufanele ukuthi imkhathaze kakhulu ukwedlula ukuthi uhluliwe uJose Riveiro we-Orlando Pirates wukuthi abadlali abanike ithuba abazange bamkhombise ukuthi bakulambele ukudlala. 

IPirates igotshiswe yiJwaneng Galaxy yaseBotswana, iyishaya ngo 1-0 emdlalweni womlenze wokuqala esigabeni sokuhlunga kwiCaf Champions League ngeSonto ntambama.

URiveiro ubewuqale ngabadlali abangajwayele ukudlala okukhona kubo oLesedi Kapinga, Souaibou Marou noSandile Mthethwa phakathi kwabanye. 

Kukholakala ukuthi ngaphezu kokunika laba badlali ithuba, lo mqeqeshi ubonga abajwayele ukudlala ngoba uzobhekana neMamelodi Sundowns kwiDStv Premiership ngoLwesithathu.

“Bekungumdlalo womkhumulajezi onezinto ezijwayelekile kulolu hlobo lomdlalo,” kusho uRiveiro ngemuva komdlalo. 

“Asiqalanga kahle, angazi noma yindlela ebesidlala ngayo noma umqondo wabadlali okube yinkinga. 

“Besingekho ezingeni elifanele esiwombeni sokuqala. Izimbangi zethu yizo ebezikhombisa ukulwa. 

“Bebelokhu beqhubeka benza izinto ezizokwenza umdlalo ubavune, babe nethuba lokunqoba.

“Bathole ibhola elibekwe phansi, sangavala ngendlela efanele emuva, bathola igoli lokuhamba phambili. 

“Ngokujwayelekile uma sekwenzeke kanjalo siyaye sivuke emaqandeni,” kuchaza lo mqeqeshi. 

“Ukuhlulwa ngo 1-0 akuwona umphumela ebesiwufuna kodwa besazi ukuthi kuzoba wumdlalo onzima lapha kuwo womabili amaqembu. 

“Sisanomunye umdlalo okumele siwudlale.” IPirates izophinde ibhekane neGalaxy e-Orlando Stadium ngasekupheleni kukaSepthemba. 

Ubone ukuthi mhlawumbe kube yingcindezi yomdlalo womkhumulajezi eyenze bangakwazi ukudlala ngendlela abefisa ngayo. 

“Besingekho bukhali uma sesibheke epalini labo. Kuba nzima uma sewulandela ngemuva ngo 1-0 emdlalweni womkhumulajezi. 

“Akufani nasemdlalweni weligi, kowomkhumulajezi usuke sewujahe ukulinganisa bese kuba nengcindezi eyengeziwe.”

URiveiro uthi bayakwazi okumele bakwenze kangcono emlenzeni wesibili ukuze bavike ihlazo lokusheshe baphume kulo mqhudelwano. 

“Into okumele siyenze kangcono esiwombeni sesibili wukuqonda ukuthi sijaha u 1-0 futhi isitha sesisendaweni engcono. 

FUNDA NALA: Izandisele umsebenzi iPirates ishaywa yiGalaxy kwiChampions League

“Ngakho noma ngabe bayathanda noma abathandi, kuzomele bagxile ekuvaleni emuva emdlalweni womlenze wesibili.”