EzakamuvaIbhola

UJasond Gonzalez ufike nokwehlukile okujabulisa uNtseki

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, usecacise ngomehluko phakathi komgadli wabo omusha, uJasond Gonzalez, nabadlali abafana noRanga Chivaviro noBonfils-Caleb Bimenyimana.

UJasond Gonzalez oneminyaka engu-24, ubolekiswe kwiChiefs yiReal Santa Cruz yaseBolivia futhi uqale umdlalo okokuqala bebhekene neRoyal AM ngempelasonto. 

UBimenyimana yena usanda kushiya kuleli qembu laseNaturena kanti uChivaviro yena usekhona. 

Lo mgadli udle ngobude nomzimba oqatha okumenza abukeke engaba umgadli oma ebhokisini alinde ibhola. 

Kodwa uNtseki uthi akunjalo, uthi uGonzalez uyakwazi nokuphuma ebhokisini aye ophikweni. 

“Ngizohlale ngikhuluma ngendlela iManchester City ebidlala ngayo ngaphandle komgadli. Beyibasebenzela kakhulu,” kusho uNtseki. 

“Uma ngibheka uChivaviro noGonzalez, empeleni ngeke siwudlale umdlalo lapho sinomgadli ohlale ehlezi ndawonye ebhokisini okwenza umsebenzi wezitibha ube lula. 

“Ngaye, sinomuntu ohambayo kakhulu. Umuntu okuthi uma ulahlekelwa yibhola abe umdlali wasemuva, uyakwazi ukujika futhi unamandla. 

“Ngicabanga ukuthi lokho kuhle kakhulu ngaye. Ngicabanga ukuthi uzosisiza kakhulu.

“Okubaluleke kakhulu ukuthi ubasusa kanjani abadlali basemuva ebhokisini ukuze sakhe amathuba okushaya amagoli. 

“Ngicabanga ukuthi ngokuhamba kwesikhathi yena noRanga bazoba abadlali abazosisiza kakhulu.”

IChiefs ibuyela ngoLwesithathu enkundleni njengoba izovakashela iSupersport United ePeter Mokaba Stadium.

Lo mdlalo uzoqala ngo-7.30 kusihlwa kanti kubhekwe ngabomvu ukuthi uNtseki uzogadla ngobani kulaba bagadli bakhe. 

FUNDA NALA: OweSwallows ubhuqe uMiddendorp ngokudikila eTanzania

Kubhekiwe nokubuya kukaMduduzi Mdantsane noTebogo Potsane akade bephunyuziwe emdlalweni weRoyal AM ngempelasonto. 

Ngemuva kwalo mdlalo, iChiefs inonzima la izobhekana khona neMamelodi Sundowns kwiMTN8 okumele kuphume kuwo ozoyodlala owamanqamu.