Bafa la kufa khona uPetersen abadlali beChiefs
Abadlali beKaizer Chiefs oZitha Kwinika ongumdlali wasemuva noGeorge Motlou, ongumdlali waseswini bathi iqembu lisamthemba unozinti uBrandon Petersen.
Lo nozinti kumanje akasathandeki kahle kubalandeli beChiefs ngemuva kokwenza amaphutha emidlalweni yaleli qembu kule sizini.
Yona isiminingana imidlalo la lo nozinti enze khona amaphutha abucayi, nafake iChiefs enkingeni yesibhaxu.
Kube yiphutha lakhe neliholele egolini lokuqala leMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN8 ngempelasonto.
Uhlulwe wukukhipha ibhola ngaphandle yize ebona uPeter Shalulile emxina umdlalo usanda kuqala.
Kodwa oKwinika noMatlou bathi bama naye uPetersen noma isimo sinzima kanjena.
Laba badlali bathi ungunozinti osezingeni eliphezulu kakhulu futhi amaphutha abawenzayo balwa nawo, bazama ukuwagwema nokuvikela lo nozinti.
“Uma ubheka, amaphutha siwenza siyiqembu. Kumanje sisebenza kanzima ukuguqula isimo eqenjini,” kusho uMatlou.
“Sisazama ukuhlangana siyiqembu njengoba abadlali bethu abasha kukhona abafike nakho njengoba bekhombisa ukusebenza ngokuzimisela.”
Leli qembu lizodlala neSekhukhune United eMoses Mabhida Stadium ngoLwesithathu ngo-7.30 kusihlwa.
Kulindeleke ukuthi abalandeli baphume ngobuningi babo ukuzoseka Amakhosi njengokujwayelekile uma edlala eThekwini.
FUNDA NALA: Kufike uVusumuzi Vilakazi kwiChippa, kwaxoshwa umqeqeshi
IChiefs seyinemidlalo emine eyidlalile ingayazi nhlobo iwini kanti izobe ibheke ukujika lokho kwiSekhukhune.