‘Dedel’abanye,’ kusho uKhuzwayo ku-Itumeleng Khune kwiChiefs
ALFRED NGUBANE
Owayengunozinti weKaizer Chiefs, uBrilliant Khuzwayo ubona sesifikile isikhathi sokuthi u-Itumeleng Khune adedele abanye kuleli qembu.
UKhuzwayo uthi u-Itumeleng wenze umsebenzi oncomekayo kuleli qembu, kodwa sesifikile isikhathi sokucabangela ikusasa manje.
“Ake sidedele izingane manje. Ake sizidedele sibone ukuthi zingasenzelani,” kusho uKhuzwayo ekhuluma neMpempe kuleli viki.
“Ake sicabange ngekusasa, sibheke iminyaka emihlanu ezayo ukuthi ngabe engakwazi yini ukusinika lento abesinika khona eminyakeni eminingi edlule.”
Uthi uKhune ngeke esathathwa njengomuntu okukhona okuhlukile asangakwenzela iqembu.
“Kugcine nini ukuthi u-Itumeleng anqobe okuthile neqembu? Mhlawumbe leyo yinto okumele yisibhekisise.
“Kulapho ke sizothola khona ukuthi usakufanele yini ukuba la ekhona manje. Egcina ukunqoba okuthile neChiefs u-Itumeleng bekuyisizini ka-2012/13.
“Kulapho awinisa khona iChiefs iligi neNedbank Cup. Ngeke ke ungitshele ukuthi umuntu owanqobisa iChiefs izindebe eminyakeni eyishumi edlule namanje kusathenjelwe kuye.
“Kumele sicabangele ikusasa, sibheke ukuthi ngampela kusekhona yini angasenzela khona,” kuchaza uKhuzwayo.
Ebuzwa ngesimo seChiefs njengamanje – esonyakeni wesishiyagalolunye inganqobi ndebe – uKhuzwayo uthe inkinga ukuzethemba.
“Kumele balungise ukuzethemba nje kuphela… akukuningi. Uma nihlezi nishayeka, nigcina nizitshela ukuthi aninawo amandla okunqoba.
“Uma ushaywa njalo, ugcina sewuvika kuphela, usabe nawe ukujikijela ezakho izibhakela.
“Kanti uma ungalwa uya phambili, ujikijele izibhakela ezimbili noma ezintathu, ungabuyela esimweni.
“Ngiyacabanga iChiefs idinga lokho – ukuwina nje indebe eyodwa ukuze izibone ukuthi kanti isakwazi ukunqoba.”
Nokho wenqabile ukuphawula uma ebuzwa ukuthi ngabe liqine ngokwanele yini iqembu elikhona njengamanje kwiChiefs.
“Ake ngikushiyele kumqeqeshi lokho. Ngeke ngichaze okuningi ngakho,” usho kanje lo nozinti.
FUNDA NALA: Imenena ichitha amahlebezi ngoSifiso Hlanti weChiefs
Usanda kuzisusela iziqandi ke uKhuzwayo ngesikhathi encoma abalandeli beChiefs ukuthi sebathamba, sebeyabuka nje unozinti obuthaka njengoBrandon Petersen edlaliswa.