UBartlett ngeke awuswele umsebenzi, kunelisha amashushu ngaye
Kusaphele isonto elilodwa ededelwe yiCape Town Spurs, kodwa umqeqeshi uShaun Bartlett kungenzeka asheshe abuye kwezokuqeqesha.
Kuvela ukuthi sekukhona iqembu elisha amashushu ngaye elidlala kwiMotsepe Foundation Championship.
UBartlett uxoshwe njengomqeqeshi weSpurs kulandela ukungayiqali kahle isizini yeDStv Premiership njengoba ehlulwe imidlalo eyisikhombisa kulandelana.
Le nsizwa eyayingumgadli futhi eyake yagijima kwiBafana Bafana, isethubeni elihle lokubuyela ekuqeqesheni kodwa esigabeni esiphansi.
Ngokuthola kweMpempe, isikhulu sePretoria Callies sikholwa wukuthi uBartlett unolwazi nesipiliyoni sokudlala kwiNational First Division (NFD).
Ngokusho komthombo, iPretoria Callies ibona lo mqeqeshi engakuphinda nakuyo akwenze kwiSpurs eyinyusela esigabeni esiphezulu ngesizini edlule.
UBartlett, owake waba yiphini lomqeqeshi kwiKaizer Chiefs uzolandelwa ukuthi asebenzisane nomqeqeshi uKwanele Kopo kwiCallies.
ICallies asaqoqe amaphuzu ayisithupha kuphela, kanti isalele ngayishumi kwi-Orbit College okuyiyo eqhwakele kulesi sigaba.
“Abagculisekile (ngendlela iqembu eliqale ngayo isizini). Kumanje sekufake iqembu ngaphansi kwengcindezi,” kusho umthombo.
“Ngoba inhloso bekuwukuqala kahle nokwenza isiqiniseko sokuthi iqembu lihlezi likhona kwamathathu aphezulu kwilogi.
“Ngakho-ke, ukuletha umuntu onjengoBartlett manje kungaba kuhle ekilabhini, yilokho ibhodi elikucabangayo.
FUNDA NALA: UBroos uchaza eyokulanda uMdantsane abe mziba phambilini
“Bakholwa ukuthi uzokwengeza okuthile okubalulekile ethimbeni labaqeqeshi ngokusebenzisana noKopo.”