EzakamuvaIbhola

UMokwena ukhala ngokushoda kwesikhathi sokuzicija kwiDowns 

URulani Mokwena useveze ukuthi babhekana kanjani nokusondelana kwemidlalo ngemuva kwekhefu leFifa njengoba iMamelodi Sundowns izodlala emiqhudelwaneni emine ehlukene.

Ukwethulwa kweCarling Knockout kwengeza ohlelweni oluvele lugcwele phama oluhlanganisa iDStv Premiership neCaf Champions League. 

Kungenzeka kwengezeke ne-African Football League phakathi kuka-Okthoba kuya kuDisemba.

“Okubalulekile wukuthi abadlali bethu badinga isikhathi sokuzilolonga. Kumele babe sesimweni esingcono,” kusho uMokwena.

“Njengoba sidlala imidlalo eminingi, sina nesikhathi esincane kakhulu sokuzilolonga.

“Esesibheke ukukwenza manje wukuqinisekisa ukuthi siyalithuthukisa iqembu lethu.”

Uma igcina ingenile iSundowns kwiCaf ‘Super League’, kuzokwengeza umthwalo. 

Lokhu akukaqinisekiswa njengoba kubikwa ukuthi ibhodi eyengamele iPSL yenqaba ukuyivumela ukuthi iwungelenele lo mqhudelwano. 

Lo mqhudelwano uzodlalwa amaqembu ayisishiyagalombili, kanti eliyodla umhlanganiso liyophuma nemali engaphezuku kuka-R76-million.

“Cha hhayi okwamanje. Kwi-African Football League, anginalo ulwazi olwanele. Njengoba ngishilo, sibuyele ejimini ngoLwesibili,” kuchaza uMokwena ebuzwa ngalo mqhudelwano.

“Ngesonto eledlule bekumatasatasa njengoba besigxile ekulungiseleleni umdlalo wamanqamu futhi ngeshwa anginayo impendulo uma kukhulunywa ngalokho.”

Iziphakamiso zithi ompetha baseNingizimu Afrika kungase kudingeke bahlukanise isikwati sabo futhi basebenzise amaqembu amabili ahlukene. 

“Ngiyethemba ukuthi ngeke kufike kulokho,” lo mqeqeshi oneminyaka engu-36 uphendule kanje uma ebuzwa ngokuhlukanisa iqembu phakathi. 

“Ithemba lami ukuthi singakwazi ukuthi njalo sibe neqembu elingcono kakhulu enkundleni.

“Futhi siqinisekise ukuthi sonke sikhona ukusiza nokweseka abadlali emizuzwini engu-90 bese nkundleni.” kuphetha uMokwena.

AmaBrazilians azobuyela emidlalweni yePremiership ayobhekana neMoroka Swallows ngo-Okthoba 29. 

FUNDA NALA: Kudlalelwa ibheji kwiBucs, libala yimali, kusho inkakha yeqembu

Nokho lo mdlalo uzohlehliswa uma iSundowns ikwazile ukudlula kwiPetro de Luanda yase-Angola esigabeni esilandelayo kwiChampions League.