EzakamuvaIbhola

UKomphela weseka uParker ophehlezwe umlenze 

Ukulimala kukaBernard Parker yiyona into cishe exoxwa kakhulu ebholeni lakuleli njengamanje njengoba iningi limduduza. 

UParker, odlala kwiTS Galaxy, ulimale kanzima kulandela ukuthi edlaliswe kabi uBongani Zungu weMamelodi Sundowns.

Lamaqembu abebhekene emdlalweni weCarling Knockout Cup eMbombela Stadium ngoLwesithathu kusihlwa. 

IGalaxy iyona enqobile kulo mdlalo sekukhahlelwa amaphenathi. Seyikuqinisekisile ukuthi uParker uzoyohlinzwa ukuzama ukulungisa ithambo eliphuke phehle. 

Iningi labantu lisacikwe yisenzo sikaZungu okhombise ukungazwelani naye, ekhalela ukuthi uyarojwa uma ekhishwa ngekhadi elibomvu. 

Nokho uParker usethole ukwesekwa nxazonke njengoba abanye bebalisa ngokuthi lokhu kulimala kungenzeka kusho ukuphela ngaye ebholeni elikhokhelayo. 

Omunye wasebephumele obala bameseka nguSteve Komphela ongumqeqeshi weMoroka Swallows. 

“Kulalelisisise okushiwo uBongani Khumalo ngawe ethi uzobuya ngokushesha ngendlela yokuthi abaningi ngeke bakholwe. 

“Thina sikwazi kusukela kudala ngabo-2005 futhi siyakwazi ukuthi ungumuntu oqine kanjani. 

“Engathi ungaqhubeka nokwephula amarekhodi, umelane nezimo eziyinselelo. Nayi enye inselelo okumele ubhekane nayo. 

“Ungakwazi (ukumelana nayo) Ngikufisela ukwelulama okusheshayo,” kubhala uKomphela owasebenza noParker kwiKaizer Chiefs phambilini. 

ITS Galaxy nayo ithe imfisela ukwelulama okusheshayo lo mdlali wayo, yathi izomkhumbula enkundleni ngesikhathi esalulama. 

“Sifisela uBernard Parker ukwelulama okusheshayo kulandela ukulimala kwakhe kanzima izolo ebusuku,” kubhala leli qembu kwi-Instagram. 

“Silinyalelwe yisosha esizolikhumbula kakhulu njengoba impi isaqhubeka nje. Sicela ubuye ngamandla aphindiwe.” 

FUNDA NALA: UMokwena ukhale ngokuba yinhlekisa iSundowns iwasha ijezi

Njengoba eseneminyaka engu-37 nje uParker, abaningi ababoni esazokwazi ukululama ngendlela efanele ukuthi engabuyela ekudlaleni.