UDolly uhlambuluka ngengcindezi yokudlala kwiChiefs
Umdlali wasesiswini weKaizer Chiefs, uKeagan Dolly, useveze obala ngezidingo nengcindezi yokudlala eqenjini elikhulu njengaleli lasenaturena.
Amakhosi ngelinye lamaqembu aqavile ebholeni lakuleli, futhi anempumelelo engefaniswe namanye yize isigqozile muva nje.
Sesiside ke isikhathi iChiefs iheha abadlali abasezingeni bakuleli nabaphesheya ngenxa yomlando wayo ocebile.
Nokho kule minyaka edlule, iChiefs ibhekene nengwadla yokungenzi kahle, iyashoda nangezindondo.
Abadlali ilokhu befika bethwelwe ngeqoma, kodwa baphinde bahambe bengazange bafike ezingeni elibhekwe kubo.
Ephawula ngodaba lwabadlali abangafinyeleli ezingeni elibhekwe kubo kwiChiefs, uDolly uvumile ukuthi akusona simo esiluma.
Uthe ngeke akhulumele abanye abadlali, kodwa wakhomba inhlanganisela yezinto ethi yizo ezingaba yisithiyo sempumelelo.
Kulokhu kubalwa ingcindezi enkulu eza nokudlala kuleli qembu elingelinye lamakhulu kuleli.
UDolly uphinde wasola ukuthi abanye abadlali basheshe bakhululeke, bagcine bengasazikhandli ngendlela efanele.
“Ingcindezi yalapha ihlukile, iChiefs yinkampani enkulu,” uDolly ucashunwe esho kanje yiSunday World ekuqaleni kwaleli sonto.
“Leli qembu laziwa ngokunqoba izindebe phambilini nokukhiqiza abadlali abasezingeni.
“Kodwa kuyinhlanganisela yakho kokubili (ukuthi abanye abadlali bayadembesela, abanye basindwa yingcindezi). Kimina kuthe ukwehluka.
“Lokho kungenxa yokuthi ngifike lapha ngivela eFrance ngifuna ukuzokhombisa ukuthi yini eyenza ngayodlala e-Europe…
“Ngeke ngikhulume ngabanye abadlali ngoba okwenzeke kubo kungenzeka kwehlukile kokwami. Omunye angase athi yingcindezi kuyilapho abanye besho okunye.”
Selokhu efikile eNaturena, uDolly kudingeke ukuthi abhekane nenselelo yokulandelwa ukulimala okumphazamise kakhulu ekutheni azinze eqenjini.
Nokho usebuyile manje ekulimaleni kanti sekunomqeqeshi omusha uMolefi Ntseki osenalo iqembu athembele kulo kule sizini.
Kodwa uma kubhekwa isithunzi sikaDolly nekhono lakhe lokudlala emidlalweni esezingeni eliphezulu, kungase kungapheli isikhathi eside ngaphambi kokuthi abuyele eqenjini eliqala imidlalo.
Useluleme futhi ungumqemane, okumenza abe ngumdlali ongase abe yiqhawe leChiefs uma seyiqala umkhankaso weCarling Knockout Cup kule mpelasonto.
FUNDA NALA: OweSpurs ubona ‘bengawaphendula amatafula’, bajuqe iPirates
IChiefs izovula ngezinkunzi zaKwaZulu-Natal AmaZulu FC emdlalweni ozoba se-FNB Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Le ndebe ingelinye ithuba leChiefs ukuthi izame ukuqeda indlala yeminyakanyaka yezindebe.