EzakamuvaIbhola

‘Sasingaphuzi, sasibuhlaba,’ kusho uZulu owayedlala kwiSundowns

Useyazisola ngezenzo zakhe, futhi ufisa abanye abadlali bafunde emaphutheni akhe uSiyabonga Zulu osethole ithuba lesibili ebholeni elikhokhelayo. 

UZulu, ongomunye wabadlali okwakubbhekwe baye kude ngebhola labo, usanda kusayinwa yiNB La Masia edlala kwiMotsepe Foundation Championship. 

Uphumele obala ngezinto ayezenza ngesikhathi esadlala kwiMamelodi Sundowns ayelethwe kuyo uPitso Mosimane ngoba ebona ibhola elikuye. 

Kwaphetha kabi ke nokho njengoba uPitso amxosha kwiSundowns kulandela ukudlebeleka kwakhe, ecwila ezinkanjeni zikaFaro kakhulu. 

“Ngangiphuza zonke izinsuku. Bekwenzeka ngibuqale ngoMsombuluko… NgangoLwesine bekwenzeka ngiphuze,” kusho uZulu kwiMetro FM ngeviki elidlule. 

“Bengiphuza. Yho! Bengiphuza kakhulu. Benginthanda ibhiya neHennesy. Thina besingaphuzi, besibuhlaba. 

“Besiwaqeda amakesi ayisithupha noma ayisikhombisa bese kuba namabhokisi eHennesy mhalwumbe amabili noma amathathu ngempelasonto eyodwa.

“Ibhokisi leHennesy liba namabhodlela ayisithupha. Besisuke siyishumi noma 11 lapho. Bekuyimi obevamise ukuthenga,” kuchaza yena.  

Kuthe uma kubalwa intengo yalobu tshwala abekhuluma ngabo, kwavela ukuthi ubewuqeda u-R30 000 ngosuku. 

FUNDA NALA: Kubuya abebekwiBafana, ungabazane ngoChaine kwiPirates

Nokho uZulu uxolisile kozakwabo, abaqeqeshi namaqembu abedlala kuwo phambilini, ethi uyazisola ngalezi zenzo zakhe.