UProfessor uncoma isandla sikaKhenyeza kwi-Arrows
ALFRED NGUBANE
UMlungisi “uProfessor” Ngubane ukholwa wukuthi uMabhuti Khenyeza engafinyelela kowamanqamu kwiCarling Knockout Cup.
Lo mqeqeshi osemncane uyidlulisele emzuliswaneni wesibili kalula iGolden Arrows, eshaya iCape Town City ngo 3-1.
Emzuliswaneni olandelayo i-Arrows iqhathwe nomkhaya bayo AmaZulu FC emdlalweni ozoba seMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Lo mdlalo uzoba yingxenye yemidlalo emibili ezodlalwa enkundleni eyodwa ngosuku olulodwa.
Uyovulelwa oweRichards Bay ne-Orlando Pirates ozoqala ngo-3.30 ntambama eMoses Mabhida Stadium.
UProfessor ubona uKhenyeza engawuqopha umlando ngokunqobela leli qembu laseLamontville indebe yalo yesibili.
“UMabhuti uyawazi umsebenzi wakhe. Uma ubheka, abadlali abaqeqeshayo bayazikhandla kakhulu,” kusho uProfessor.
“Umdlali weGolden Arrows umbona ngisho eliphethe ibhola ukuthi uyalazi ukuthi uzoliyisaphi.
“Laba badlali bayabonakala ukuthi bakomele ukunqoba inkomishi,” kusho uNgubane.
UKhenyeza usale yedwa ekuqeqesheni leli qembu kulandela ukushiya isigubhukane kukaVusumuzi Vilakazi abebebambisene naye.
UVilakazi usesebenzisana noMorgan Mammila kwiChippa United kulandela ukushenxa kwakhe kuleli qembu laseThekwini.
Nokho akushintshanga lutho noma esehambile njengoba iqembu lisayibambe kahle kwiDStv Premiership la lisendaweni yesibili.
IGolden Arrows yagcina ukunqoba indebe ngeMTN 8 ngo2009 isacijwa uManqoba Mngqithi osekwiMamelodi Sundowns manje.
FUNDA NALA: UMabizela useneminjunju ‘ngokubhalwa kabi’ ngabezindaba
Leli qembu, elaziwa ngelaBafana Bes’thende ebholeni lakuleli, lisemgqigqweni omuhle futhi Usuthu kozomele luzibambe ziqine ngoMgqibelo.