U-Ebrahim ucacisa eyokungaholelwa konompempe beSafa
SIHLE NGUBO
Ukhuza abakunobhutshuzwayo bonke ukuthi bayeke ukufuna ukubanameka ngento engekho u-Abdul Ebrahim, oyinhloko yonompempe kwiSouth African Football Association (Safa).
Usho kanjena nje u-Ebrahim ubebuzwe yintatheli yeMpempe ukuthi, ngabe kuliqiniso yini ukuthi onompempe beSafa sekuphele isikhathi eside bengakhokhelwe imiholo yabo.
Ezinkundleni zokuxhumana kukhona abese besabalalise lokho, baze basho nokuthi yingakho onompempe bezogcina bemukela ‘intshontsho’ ngoba abaholi kwiSafa.
“Anginawo umbiko ovela nakoyedwa unompempe ukuthi akakhokhelwe.
“Lokhu ngikusho ngokukhululeka futhi ungakubhala njengoba kunjalo,” kusho u-Ebrahim ekhuluma neMpempe.
“Ayikho i-email enginayo lapha ethi kukhona unompempe othile ongakhokhelwe.
“Kwesinye isikhathi bafuna ukuqhwanda izindaba noma zingekho ngoba bebona kuthule. Kumele bakuyeke lokho.”
Onompempe abadlalisa kwiPremier Soccer League (PSL) bakhokhelwa yiSafa. Kuvela ukuthi bathola u-R5 500 ngomdlalo ngamunye.
Muva nje kushaywa amakhala ngezinqumo zabo kodwa iSafa ihlale ithembisa ukuthi iyalwa nalesi sihlava.
USiviwe “Chippa” Mpengesi ongusihlalo weChippa United, usanda kukhipha isitatimende lapho ebekhala khona ngonompempe.
FUNDA NALA: Ezinye izinsolo zokungaholi kwabeSwallows, badube ukujima
Uze waveza ukuthi kumele nakanjani kube neVideo Assistant Referee (VAR) ukuze kuphele ukurobheka okwenzela amaqembu phansi.